UMA sibheka unyaka osongwayo ngakwezepolitiki, kugqama izigigaba eziningi ezishintshe okuningi ezweni. Kuthe uqala nje, kwenzeka umuga ongakaze ucatshangwe ngumuntu kusha iPhalamende!
Isakhiwo esithathwa njengethempeli likahulumeni wentando yombuso weningi.
Ukusha kwePhalamende kwalandelwa wukuboshwa kukaMnuz Zandile Christmas Mafe (49), namanje osahamba icala. Ubhekene namacala ambalwa, ngelokungqongisa ngomlilo, ukuvukela umbuso nokutholakala neziqhumane. Kwaphoqeleka ukuthi uhulumeni enze ezinye izinhlelo zokusebenza kwePhalamende, lagcina lihlala eCity Hall, khona eKapa.
Cishe uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ungomunye wabantu abazofisa ukuthi basheshe bakhohlwe yilo nyaka ngenxa yodaba okungazekeki, ngepulazi lakhe iPhala Phala.
Kudalulwe ukuthi ngo-2020 kwagqekezwa ipulazi likaRamaphosa eliseBela Bela, eLimpopo, kwathathwa imfumba yemali engamadola okungaziwa ukuthi yayiyisima kanjani.
Udaba lwepulazi lucishe lwaqeda ngoRamaphosa kwezepolitiki. Kumanje luseyindaba egudwini. Amaqembu epolitiki aphikisayo alibeka ngembaba elokuthi akehle esikhundleni. Kepha, uKhongolose uhlukene phakathi. Ukwehlukana phakathi kwe-ANC kucace bha ngesikhathi kuvotelwa umbiko okhishwe yiJaji uSandile Ngcobo, ngodaba lwepulazi ePhalamende. Kukhona abaholi bayo abaqavile abavote baphambana nenhlangano yabo.
NgoJulayi nonyaka kufike isikhathi sokuthi i-ANC KwaZulu-Natal, ibe nengqungquthela yokukhetha ubuholi bayo. Umbango wesikhundla sikasihlalo wesifundazwe ubungenelwe wuMnuz Sihle Zikalala, efuna elinye ihlandla.
Eqhudelana noMnuz Siboniso Duma, kwavela negama likaMnuz Sandile Zungu, impunyela ephethe iqembu lebhola AmaZulu FC nokwamangaza abaningi ngoba ubengagxilile kwezepolitiki. UZungu wagcina ehoxe ngomzuzu wokugcina esengaphakathi engqungqutheleni.
Laphakanyiswa negama likaNkk Nomusa Dube-Ncube, owakhala ngaphansi kungakavotwa. Ingqungquthela yaqoka uDuma kwesikasihlalo ehlula uZikalala. Ukukhethwa kobuholi obusha kukhonge izinguquko kuhulumeni wesifundazwe.
Ushintsho olugqame kakhulu olokwesula kukaZikalala kwesikaNdunankulu kwangena uNkk Dube -Ncube, obekade ekhale ngaphansi embuthanweni. Lolu shintsho ludale ukuthi kuqopheke umlando isifundazwe sathola undunankulu wokuqala wesifazane.
Akugcinanga lapho kodwa kwesula nabanye ongqongqoshe abaqokwa kusaphethe uZikalala. Nakwamanye amaqembu bezibuya ngoba i-EFF KwaZulu-Natal, ikhethe ubuholi obusha ngo-Okthoba nonyaka, lapho umbango wesikhundla sikasihlalo ubushisa phansi. UMnuz Mongezi Thwala, ebanga noMnuz Vusi Khoza, kodwa uThwala wagcina enqobile.
I-IFP igqame kakhulu ngokushaya kwasani uma kunokhetho lokuchibiyela esifundazweni. Lokhu kuyenze yaqinisa amandla ayo komasipala abehlukene esifundazweni. Iphinde yangena ehlazweni ngodaba lobeyimeya yaseMsinga, uMnuz Mletheni Ndlovu, ngenkathi ekhonjwa emngcwabeni esolwa ngokubulala uzakwabo. Kuthe kusenjalo uNdlovu waboshelwa amacala esibhamu. I-IFP azange inanaze, yamhoxisa esikhundleni uNdlovu yajuba omunye umuntu kwesokuba yimeya eMsinga. Kayisalanga ngaphandle ezigamekweni zezombusazwe iDA KwaZuluNatal, kugqabuke ifindo phakathi kwayo noMnuz Zwakele Mncwango, obengumholi wayo onohlonzo.
UMncwango ubengusotshwebhu weDA esiShayamthetho kanti ujoyine i-Action SA, yamnika isikhundla sikasihlalo wesifundazwe.
Kuthe unyaka usuvalwa i-ANC yaphinda yaba sematheni ngesikhathi kungena ingqungquthela yayo yokukhetha ubuholi bukazwelonke lapho uRamaphosa ebuye ngezinkani. Umbango ubuphakathi kwakhe noDkt Zweli Mkhize, obephakanyiselwe kwesikamengameli.