BABABAZA ubulwane kowesilisa owayengumphathi wowesifazane waseLovu, kutholwa isidumbu sakhe sigqitshwe egcekeni eMaotana, eNanda, ngoMgqibelo.
Kuvela ukuthi umsolwa (37) umbulale ngokumklinya uNksz Ayabonga Mjilo (24) ngaphambi kokuba amgqibe esikhotheni esingemumva komuzi wakhe.
Egcina ukubonakala ephila uNksz Mjilo, kuthiwa wayephuma endaweni yokudlela eseMhlanga, i-Cappello ngoDisemba 24. Kuvela ukuthi umsolwa wabonakala esukuma emlandela.
Kuvela ukuthi bagcina behamba ngemoto yakhe umsolwa.
Udadewabo kamufi, uNksz Zinhle Mjilo, uthe umsolwa ubazwise obukhulu ubuhlungu ngokuqeda ngempilo ka-Ayabonga.
“Uma kukhona ayemdine ngakho, wayengamlaxazi ngani endleleni, kukhulunywe ukuthi uyadwanguza ke phakathi nobusuku kodwa kube ukuthi uyaphila?” kukhala uNksz Mjilo.
Udalule ukuthi kusize amakhamera akhona e-Cappello, okuyiwo anikeze umkhombandlela osize amaphoyisa ngomkhondo.
Ulandule eyokuthandana phakathi kuka-Ayabonga nomsolwa.
“U-Ayabonga ubewumuntu oxoxa yonke into nathi singodadewabo, aphinde avuleleke nakubangani bakhe. Kithina sonke, akekho ake wamxoxela ngalona wesilisa. Asazi ngempela ukuthi yini ebihlanganisa umsolwa nodadewethu,” kusho uNksz Mjilo.
Uchaze umufi njengomuntu obekhululeka ukuhamba izindawo zobumnandi uma ehamba nabantu abethembayo.
“Kusobala ukuthi nalo mlisa ubemthemba. Mhlawumbe usebenzise ukuthi ubengumphathi wasemsebenzini wakhe wakudala, base behamba ke ndawonye,” usho kanje.
Uqhube wathi kwakhona lokho ukuthi agcine emenzakalisa kanje, kade emphethe emsebenzini, kubashiye nesilonda.
Uthe umlisa ubemphethe e-call centre iNutun eMhlanga, kodwa kwenzeka isigameko nje ubesesebenza e-call centre iWebhelp, nayo eseMhlanga, wathi kubashiye nesilonda ukuthi umufi abulawe ashiye indodakazi yakhe eneminyaka emine.
“Njengoba siqhubeka nezinhlelo zomngcwabo, ilokhu isibuza ukuthi unina uzobuya nini. Silokhu siyitshela ukuthi uyeza. Asazi sizoyikhohlisa kuze kube yinini,” usho kanje.
Uthe bafuna umsolwa abolele ejele ngabenze kona, wathi abafuni anikwe ngisho nebheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, utshele abezindaba ukuthi mathathu amacala abekwe umsolwa, kuwona kukhona elokuthumba, elokubulala nelokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho.
Uthe kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, namuhla.
Umndeni kamufi uthe ubeqashe eQuarry Heights, kanti baqaphele ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi engafiki emngcwabeni wesihlobo, futhi engatholakali nasocingweni.
Izihlobo zakhe zibhale ezinkundleni zokuxhumana, zicela ukufuniswa yena, nokuyilapho okuvele khona abathi bambona e-Cappello.