AMAPHOYISA KwaZulu-Natal abhadame “isinkwa” esiyimoto ngesikhathi ethola indlela entsha yamasela yokushushumbisa izimoto ezebiwe esifundeni eMkhanyakude.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe lokhu kutholakale ngemuva kokuthi amaphoyisa aseJozini ngoMgqibelo ekuseni emise iloli lezinkwa phakathi edolobheni.
“Umshayeli umile wase ephuma washiya iloli kanjalo wacela empunzini. Amaphoyisa avule iloli athola ukuthi kunemoto eyiveni iToyota Hilux. Ngesikhathi eqhubeka nophenyo kutholakale ukuthi iveni ibintshontshwe eDurban North ngoLwesithathu,” kusho uColonel Mbele.
Uthe iveni neloli kuthathwe amaphoyisa aseJozini azoqhubeka nophenyo mayelana nokuntshontshwa kwezimoto kuleya ndawo nokuthungathwa kwabasolwa.
“Amaphoyisa azovimbela nokuthi izimoto zingashushumbiselwa lapho ezisuke ziyiswa khona. Kuyabongeka ukuthi amaphoyisa azimisele kakhulu, nokusebenza kwawo ezama ukuthi kunciphe ukuhanjiswa kwezimoto zisuka eNingizimu Afrika ziya kwezinye izindawo,” kusho uColonel Mbele.
Kuke kwasuka izibhelu eJozini ezinyangeni ezimbalwa ezedlule umphakathi uvale imigwaqo ngamatshe, izihlahla, imfucuza nangamathayi avuthayo ukhala ngokudlanga komkhuba wokwebiwa kwezimoto zithunyelwe eMozambique.
Imibhikisho enodlame yadonsa izinsuku. Yaze yasukumisa uNdunankulu, uMnuz Sihle Zikalala, noNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Bheki Ntuli, abazifikela mathupha beyobhula umlilo. Babafika bakhuluma nomphakathi nobaholi bezinhlaka ezahlukene.
UZikalala wakugxeka ukushushumbiswa kwezimoto wathi uma kukhona nabezomthetho abamdibu munye nezigebengu, kumele bamiswe emsebenzini bavulelwe amacala baboshwe.
Uhulumeni uze waqala uhlelo lokwakhiwa kodonga lukakhonkolo oluhlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique ukulwa nobugebengu.