ICALA lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, nenkampani yezikhali yaseFrance, lizophinde libuyele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ekuqaleni konyaka ozayo.
Icala lizobuya ngoFebhuwari nje, lo nyaka kanye nowedlule ize yaphela golokoqo kungaqaliwe ukuqulwa kwalo.
Njalo uma icala belisenkantolo, bekufika kube nemidonsiswano yezemthetho, lize liguqe bengakaze babizwe ofakazi.
Noma selibuya ngonyaka ozayo, ngeke liqale ukuqulwa njengoba kuzolalelwa isicelo esiseceleni, okuzothatha isikhathi eside ukuthi siqedwe.
Maningi amathuba okuthi nawo unyaka ozayo uzophela golokoqo icala lingaqulwanga.
Okwenzeka ecaleni kukwenza uzibuze ukuthi libhekephi, nokuthi ngabe izwe liyoke lazi nje ukuthi ngempela kwenzekani esivumelwaneni sokuthengwa kwezikhali esingundabamlonyeni.
Izwe lasayina isivumelwano sokuthengwa kwezikhali sikaR30 billion, emuva kokusayinwa kwalesi sivumelwano kwabe sekuba nezinsolo zenkohlakalo.
Ukungena kwecala enkantolo kwanikeza ithemba lokuthi izwe lizokwazi ukuthi kwenzekani ngalezi zigidi zamaRandi.
Nakuba uZuma athweswa icala ngokusemthethweni okokuqala eminyakeni engu-20 eyedlule, akukaze kuqale ukuqulwa kwalo.
Into esiyibonile kule minyaka icala lisezithebeni zenkantolo, imidonsiswano ebambezela ukuqala kokuqulwa kwalo.
Kuleli cala uZuma umangalelwe nenkampani ekhiqiza izikhali yaseFrance, iThales, eyahlomula ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali eminyakeni engu-20 eyedlule.
UZuma usolwa ngokwamukela intshontsho likaR500 000 laminyaka yonke kule nkampani.
Owayengumeluleki wakhe wezezimali, uMnuz Schabir Shaik, wagwetshelwa icala lenkohlakalo eliyamaniswa nale thenda.
Ngesikhathi icala livuswa ngo-2018, kwakunethemba lokuthi lizoqulwa liqedwe ngokushesha.
Ukuqulwa kwalo kuzonikeza uMbuso ithuba lokubiza ofakazi, uveze nabo bonke obunye ubufakazi onabo.
Kuzophinde kunikeze noZuma ithuba lokuthi achaze akwaziyo. Usekusho kaningi uZuma ukuthi uyafisa ukuthola ithuba lokuziphendulela enkantolo.
Indlela leli cala elihambe ngayo kulo nyaka, kucacile ukuthi luselude ukhalo.
Leli cala ligcine ukungena eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngenyanga edlule, lizobuya ngasekuqaleni konyaka ozayo.
Uma icala selibuya ngonyaka ozayo kuzolalelwa isicelo sikaZuma lapho ephonsela inselelo isinqumo senkantolo esachitha isicelo sokuba kushenxe umshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Billy Downer.
Isicelo sokuthi kushenxe uDowner sathathwa iJaji Nkosinathi Chili, ngasekuqaleni konyaka. Lesi bese kuyisicelo sesibili sikaZuma sokuxhenxisa uDowner.
UZuma wenza isicelo sokuqala sokuba kushenxe uDowner, ngo-2021.
Wenza lesi sicelo nje uMbuso wase uvivele ukuba kuqale ukuqulwa kwecala.
Ufakazi wokuqala woMbuso, uNkk Patricia de Lille, wayekhona enkantolo ngalolu suku, elungele ukugibela ebhokisini lofakazi.
UNkk de Lille, onguNgqongqoshe wezokuVakasha, uyena owabhoboza ithumba ngenkohlakalo esolwa esivumelwaneni sezigidi zamaRandi sokuthengwa kwezikhali.
Nokho u-De Lille akazange agibele ebhokisini lofakazi njengoba isicelo sikaZuma sasho ukuthi kufanele kumiswe ukuqulwa kwecala.
Esicelweni sakhe uZuma wayesola uDowner ngokuchema nongokuputshuzela izintatheli ulwazi ngaleli cala.
Isicelo sikaZuma sachithwa iJaji Piet Koen, kepha kwabambezeleka ukuqulwa kwecala ngenxa yokuthi uZuma wasidlulisela phambili isinqumo senkantolo.
Emva kwalokho icala lalilokhu libuya enkantolo, lifike lihlehliswe ngenxa yokuthi kwakusalindwe iNkantolo yokuDlulisa amaCala ukuthi inqume esicelweni sikaZuma.
INkantolo yokuDlulisa amaCala yamchitha uZuma.
UZuma waphikelela, waya eNkantolo yoMthethosisekelo, nokwasho ukubambezeleka futhi kwecala.
Ngesikhathi uZuma echithwa iNkantolo yoMthethosisekelo, wafaka isicelo sesibili sokuba kushenxe uDowner.
Lapha uZuma wayefuna ukuthi uDonwer ashenxe ngenxa yokuthi kwakunecala lapho uZuma ayezishushisela mathupha uDowner.
Kuleli cala elaliseNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uZuma wayeshushisa uDowner nentatheli yeziko lezindaba, wayesola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
Nokho icala elifakwe uZuma lachithwa yiyo le nkantolo, waphinde wachithwa nayiNkantolo yokuDlulisa amaCala.
Njengamanje uZuma ufake isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo, lapho ephonsela inselelo ukuchithwa kwecala lapho ezishushisela uDowner nentatheli.
Ukuphonsela kukaZuma ukuhoxiswa kwecala yikho okube imbangela enkulu yokungaqali ukuqula icala kulo nyaka.
Ngenyanga eyedlule uChili wethula izizathu zakhe zokuchitha isicelo sikaZuma sesibili sokuba kushenxe uDowner.
UChili wathi uZuma usebenzisa amaphuzu aseke wachithwa kuwo izinkantolo ngaphambilini.
“Awekho amathuba okuthi enye inkantolo ingafinyelela esinqumweni esehlukile kunaleso engifinyelele kuso.”
Njengamanje zombili izinhlangothi zilungiselela amaphuzu ezizowasebenzisa uma uZuma esefaka isicelo sokudlulisela phambili isicelo sikaChili.
Icala lizobuyela enkantolo ngoFebhuwari.
UMbuso usuvele usushilo ukuthi uzosiphikisa isicelo sikaZuma.
Njalo uma kubambezeleka ukuqulwa kwecala, kuhlezi kunenkombankombane, uMbuso nabameli bakaZuma besolana ngokubambezela icala.
UMbuso uhlezi usola uZuma ngokusebenzisa amaqhinga okubambezela, abameli bakaZuma bona bahlezi bethi kufanele kugxekwe uMbuso ngokubambezeleka kwecala.
Abameli bakaZuma bahlezi bethi ukuba uMbuso uyavuma ukushenxisa uDowner ngabe kade icala laqulwa laqedwa.
Kuzobonakala kulo nyaka ukuthi kuzoqala yini ukuqulwa kwecala.