OKHALE ngaphansi embangweni wesikhundla sikanobhala jikelele we-ANC kuzwelonke uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthi i-IFP iyazikhohlisa uma icabanga ukuthi bazobuya engqungqutheleni ebiseNasrec, eGoli, belwa futhi bexabene.
Lokhu kungemva kombhalo osabalele ezinkundleni zokuxhumana, obuthi njengoba kungekho mholi waKwaZulu-Natal, okhethelwe ebuholini obuphezulu be-ANC, kumele babuye bazocenta esiShayamthetho oLundi, ngoba bahlulekile.
UNtuli ohlulwe nguMnuz Fikile Mbalula kwesikanobhala jikelele, uthe uwubonile umbhalo.
“Ngiwubonile umbhalo obuthi akubuywe kuyocentwa oLundi. I-IFP iyazikhohlisa uma icabanga ukuthi uma sibuya kule ngqungquthela sizobe singazwani, sixabene bese bezidlela amahlanga kulesi sifundazwe bawine nokhetho.”
Uthe ukuthi akekho ngisho noyedwa umholi okhethelwe ebuholini obuphezulu, akusho ukuthi ababumbene wathi banenhloso eyodwa ukuvikela inhlangano ukuze iqhubeke ihole uhulumeni wesifundazwe.
“Noma singakhethwanga kodwa sinento eyodwa yokuthi sivikele inhlangano. Ngeke kwenzeke ukuthi bawine ukhetho ukuze bathathe iPhalamende baliyise oLundi,” kusho uNtuli ekhuluma neSolezwe izolo eNasrec.
Uthe bazosebenza ngokuzikhandla ukwakha ubumbano ngoba ngaphandle kwalo ayinalo ikusasa.
“Kumele kuliwe nendaba yokuthi abantu bakhethwe ngoba behamba nohlangothi oluthile. Abakhethwa ngamava abo kodwa bakhethwa ngoba behamba nobani. Isihlava lesi okumele silwe naso,” kusho uNtuli.
Uthe uma kukhethwa abantu ngamava abo bayoqhubeka nokwethemba inhlangano ukuthi ayikhethani ngobungani.
Akuyena kuphela uNtuli okhale ngaphansi ekukhethelweni ebuholini obuphezulu, noDkt Zweli Mkhize obefuna esikamengameli uhlulwe nguMnuz Cyril Ramaphosa othathe ihlandla lesibili.
Mayelana nemibiko yokuthi uNtuli angase ajutshelwe ekubeni umkhulumeli wenhlangano kuzwelonke, uthe uzoya noma yikuphi lapho inhlangano imjuba khona.
“Ngisebenze kakhulu noMbalula ekomkhulu iLuthuli House, uyawazi amava ami futhi ngizimisele ngokuthi sisebenzisane naye. Noma yikuphi lapho inhlangano ingijuba khona ngiyoya,” kusho uNtuli.
UNtuli unconywa ngendlela anesineke ngayo uma ekhuluma ngezinto ezithinta inhlangano. Lokhu kumfakele udumo ngesikhathi esakhulumela inhlangano esifundazweni lapho ayenconywa ngendlela acikoza ngayo waze wakhethelwa ekubeni unobhala wenhlangano esifundazweni.
Ubuye wakhala ngokuzondana kwamalungu ewodwa wathi yinto okumele iphele. Kuzokhumbuleka ukuthi uNtuli uye engqungqutheleni engaseki muntu futhi ubengasekwa ngisho nayiKZN.