KASIZIMELELE egameni nasempumelelweni kayise isikhulu esiphezulu saMaZulu FC, uSinenjabulo Zungu.
Lena yindodakazi kasomabhizinisi odumile nongumengameli woSuthu, uSandile Zungu.
USinenjabulo uthathe isikhundla kusukela ngoOkthoba 2020, ngesikhathi umndeni wakwaZungu uthatha izintambo zokuphatha iqembu kowakwaSokhela.
Kusuka lapho Usuthu lushaya ngolunye unyawo hhayi nje ngemiphumela egculisayo enkundleni nokusayinisa abadlali abanohlonze. Lungene lwagamanxa nasemkhakheni wokuqhakambisa nokukhangisa ngeqembu kubaxhasi, okuwuphiko oluphethwe nguSinenjabulo.
Eminyakeni emibili esesikhundleni, uSinenjabulo usesungule imikhankaso enjengeAmaZulu Business College, AmaZulu Fan Experience Store kanti uphezu kwezinhlelo zemigubho yeminyaka ewu-90 iqembu lasungulwa.
KwiBusiness College kufundiswa abadlali izindlela zokuphatha imali nokuzimaketha uma bengasadlali ukuze bangantuli.
Usuthu lube yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika, ukuvula iFan Experience Store kanti isezitolo eziqaqele iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, udalule ukuthi yize enobudlelwano obuhle noyise kodwa akayamile egameni lakhe futhi unezakhe izicucu nomlando ophathekayo kwezamabhizinisi.
“Ngenze iBusiness Science e-UCT okuthe ekuyiqedeni ngasebenza emkhakheni we-Outdoor Marketing,” kusho intokazi efunde amabanga aphansi esikoleni eMontclair, ngaphambi kokuphothula u-matric eSt Mary’s, eKloof.
“Emuva kwalokho ngivule elami ibhizinisi ebelidayisa ibiometric system (ubuchwepheshe bokuvula ngemilibo yeminwe uma ungena emabhilidini ezinkampani ezinkulu). Ngisuke lapho ngangena kwi-forensics ehambisana nokucwaningwa kwamabhuku.
“Yimikhakha ehlukile kwezokumaketha nokudayisa nengigogode kuyo. Ngibuyele kwezokumaketha ngisebenza kwenye yamaFMCG (FastMoving Consumer Goods) enkulu eNingizimu Afrika. Ngabuyela kwi-forensics njenge-marketing manager, ngaba yiCEO kangangoba namanje ngiseyi-non executive director.”
Akamanga lapho kodwa ngo-2017 ubabele eSpain, wayophothula izifundo ze-International Masters of Business Administration.
“Bengise-IE Business School, eMadrid. Ukushuba kweCovid-19 nje, kungifice ngiseSpain. Indiza engangizongena kuyo yabuyiselwe ekhaya yakhanselwa kabili. Ngagcina ngiyeka phansi ngoba ngibona ingozi yokuphazamiseka kwazise bengingazi nala ngizofika ngivalelwe kuphi, kube njani bese kungafundeki,” kuchaza uSinenjabulo.
“Ngenhlanhla isikole ebengikuso siphambili kwezobuchwepheshe ngoba kwathi kuqala umvalelandlini kuleliya lizwe, ngakusasa sasiqala ukufunda ngezobuchwepheshe.
“Ngize ngabuya ngoJulayi 2020 ngohlelo lukahulumeni sengiqedile. Sisanda kwenza nje nesikole umcimbi weziqu. Ngibuye ngingumuntu ozoqala ibhizinisi lokumaketha kodwa kwi-IT. Nokho umengameli (uZungu) wangixoxela ngaleli thuba, ngathi angilithathe njengoba ungibona ngilapha nje,” kulandisa uSinenjabulo.
Ungumafungwase kuyise uSandile futhi nguye yedwa intombazane kanti akukabikhona lapho esehlonipha khona. Unina nguNompilo, uMaXaba kanti wazalelwa kwaB, eMlaza. Ukuba namava emkhakheni kwezokumaketha kwenza uSinenjabulo, angabinalo uvalo yize eqala ukusebenza emkhakheni wezemidlalo.
“Sengike ngasho ukuthi silithenge iqembu sazi kahle ukuthi AmaZulu yiqembu elikhulu. Siza sinamasu amaningi okujika izinto nokusabalalisa igama leqembu ngokuhambisana nesimanje kodwa ngokucophelela ukungaphunyukwa umongo waMaZulu,” kucacisa uSinenjabulo.
“Isitolo lesi singesinye salezo zinhlelo. Ngicabanga amanye amaqembu anazo izitolo kodwa ezidayisa ngokobuchwepheshe besimanje futhi ezigxile kuphela emifaniswaneni.”
Uthi ekhaya kubo ukhule belandela amaqembu ahlukene, yena ehamba neKaizer Chiefs.
“Sekungumlando kodwa lokho. Zonke zihamba noSuthu ngenkani manje. Yileyo nto esiphezu kwayo, yokubuyisa abantu ekhaya ngoba sesiside isikhathi iningi labantu leseka AmaZulu njengeqembu lesibili, belandela amakhulu aseGoli.
“Sekuyisikhathi sokuthi baziveze ngokuziqhenya ukuthi kahle, hle bangobani, oMalamb’adl’ibhantshi nezinkinobho zalo. Hebe! Usuthu!”
Okunye ngoSinenjabulo Zungu:
Ukudla: Uyazifela ngokudla kwamaTaliyane futhi ungumpetha wokuthosa iqanda.
Thelevishini: Uthanda ukubukela amafilimu, izinhlelo zamareality, ezemizi edayisayo nokunye.
Izimoto: Uyazifela ngeRange Rover neMercedes Benz okuyimoto ahamba ngayo okwamanje.
Ezokuvakasha: Angapezu kuka-15 amazwe aseke wawavakashela kanti iSpain, imshaya ngaphakathi.