UKUBAMBEZELEKA kokuphothulwa kwesikole samabanga aphansi, saseNtuzuma, iFaith Mlaba, iminyaka ewu-22 kugxekwe nguMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer.
UMeyer ubekade ehambele kulesi sikole njengoba sekuyela ngasemaphethelweni ukwakhiwa kwaso.
Kuvele ukuthi sekukaningi kuvinjwa ukwakhiwa kwaso. Ezinye zezizathu okuvele ukuthi bezibangela ukuvinjwa kokuqedelwa kokwakhiwa kwaso umbango womhlaba okusona, ukungakhokhelwa kwababasebenzi nokunye okuningi.
UMeyer uthembise ukuthi umnyango wakhe uzokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuvimba konke okuthikameza imisebenzi yokwakhiwa kwezikole KwaZulu-Natal.
"Kubi ukuthi kungathatha isikhathi eside kangaka ukuphothulwa kwesikole. Lokhu kulimaza umphakathi, kungagcini lapho kulimaza kakhulu nabantu abasha bakule ndawo,'' usho kanjena.
Uthe kumhlaba umxhwele ukuthi ekugcineni lesi sikole sesize saphothulwa.
Wancoma zonke izinhlaka ezahlukene okuyizona ezingenelelile ukuze kugcine kuxazululeka izinkinga ezahlukene ebese zibambezele ukuphothulwa kwaso iminyaka yaze yaba miningi kangaka.
Uthe angeke bakubekezelele nhlobo ukuphazanyiswa kokukwakhiwa kwezikole ngoba lokho kusho ukuphazanyiswa kwekusasa lezingane.
Lesi sikole sizokuba namagumbi okufundela awu-15.
UMnuz Sipho Khathi onguthishanhloko waso, uthe bese kuqala ukubakhathaza kakhulu ukubambezeleka kokuphuthulwa kwaso.
"Mina angikaze ngiyibone into enjengalena ukuthi kungaphela iminyaka eminingi kangaka isikole singaphothulwa ukwakhiwa,'' usho kanjena.
Uthe bayabonga ukuthi ekugcineni sekuze kwalunga. Uveze ukuthi yonke le minyaka abafundi bebefundela esikoleni esisesimweni esingagculisi.
UMeyer uvele usembhidlangweni wokuhambela zonke izikole ezibhekene nengwadla yokubambezeleka kokwakhiwa kwazo. Muva nje, kade evakashele eMenzi High, eMlaza.
UNkk Faith Mlaba okuqanjwe ngaye lesi sikole, uthe inhliziyo yakhe igcwele ukuthokoza okukhulu ngokuthi isikole esiqanjwe ngaye sesize saphothulwa.