KUZOMA nse ukusebenza endaweni ethandwa yizivakashi eThekwini, uShaka Marine World njengoba abasebenzi bezoqala isiteleka ngoLwesithathu.
UMnuz Xolani Dube onguNobhala weSouth African Municipal Workers Union (Samwu), eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi banike umqashi incwadi yesiteleka ngoLwesihlanu.
“Incwadi yesiteleka umqashi uyithole ngoLwesihlanu. Sizolinda amahora awu-48 njengoba kulandelwa umthetho emuva kokunika umqashi incwadi bese siqala isiteleka. Asiyibali impelasonto ngakho isiteleka sizoqala ngoLwesithathu,” kusho uDube.
Uthe abasebenzi bafuna ukuholelwa ngendlela efanele njengoba Ushaka Marine World wathola imibiko emibili, ezinkampanini ezimbili ezikubeka kucace ukuthi abasebenzi kufanele baholelwe kanjani.
“Umbiko wokuqala wafika ngo-2016 kodwa namanje izincomo zawo azikaze zisebenze. Kunalokho bese befuna ukuqasha enye inkampani ukuthi ibheke udaba lokuholelwa kwabasebenzi. Kuyacaca ukuthi banayo imali ngoba sebekuzoba yinkampani yesithathu lena abafuna ukuthi yenze into eyodwa. Abasebenzi banqume ukuthi bangene esitelekeni ukuze kuzolalelwa kahle izikhalo zabo,” kusho uDube.
Uthe bazimisele ukuxoxa nomqashi noma kunini uma nje ezobeka into engcono etafuleni.
Isolezwe lithole ukuthi ngokombiko wezinkampani ezimbili ezazibheka udaba lwamaholo, umsebenzi ohola kancane owenza umsebenzi wokuhlanza, kwakufanele ahole u-R9 500 kodwa kuthiwa uhola u-R3 500.
UDube uthe izincomo zemibiko yamaholo zenziwe kubasebenzi abayizimenenja kodwa azenziwa emazingeni aphansi okuyinto ecika abasebenzi.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uMasipala weTheku uthe abaphathi beShaka Marine World, bebelokhu bexoxa nenyunyana ngodaba lwamaholo kodwa akuzange kufinyelelwe esivumelwaneni.
Uthe lokhu yikona okuholele ekutheni inyunyana iqale izinhlelo zesiteleka.
Uveze ukuthi kusukela namhlanje kuzobe kuvaliwe kuze kuphele isiteleka.