IZOTSHALWA ngoMgqibelo inkosi yesizwe samaVusathina MaZulu, uFana Dlamini (82), ekhothame emva kokudunguzela isikhathi eside.
UDlamini waseThathane, eHighflats, ukhothame ngesonto eledlule.
Izolo, uNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uveze ukuthi umndeni kaDlamini uvumelane ngokuthi atshalwe ngoMgqibelo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele kwaDlamini, eyobhonga emswaneni.
“Kuzoba nenkonzo ezokuba senkundleni yezemidlalo esendaweni. Umnyango uzokweseka umndeni kulesi sikhathi esinzima obhekene naso. Umnyango usuthumele izikhulu ezizobambisana nomndeni ukwenza amalungiselelo okutshalwa kwenkosi. Sizinikele ekwesekeni imindeni yamakhosi. Isifiso sethu ukuthi amakhosi atshalwe ngesizotha.”
UNkk Sithole-Moloi uncome uDlamini ngobuhlakani, wathi ubuchule bakhe bebuhlomulisa namanye amakhosi.
UDlamini wathatha isihlalo sobukhosi ngo-1992.
“Usihole ngobuchule isizwe sakhe kwaze kwaba uyakhothama. UDlamini ubehlonishwa yiso sonke isifundazwe sakithi futhi ubebambisene nohulumeni, elwela inhlalakahle yesizwe sakhe.
“Nakuba bese kunesikhathi eside inkosi idunguzela, besinalo ithemba lokuthi izobuye ilulame. Njengomuntu omdala, ubukhona bakhe buwuhlomulisile umphakathi owakhele isizwe sakhe kanye namanye amakhosi. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nasesizweni sonke.”
UNkk Sithole-Moloi uthe amakhosi adlala indima ebalulekile emphakathini.