IZONO zobuholi be-ANC esifundazweni iGauteng seziwele ebuholini be-ANC yaKwaZulu-Natal njengoba iDA inqaba ukusiza i-ANC komasipala baKwaZulu-Natal.
Ubuholi beDA KwaZulu-Natal buthe ngeke buyisize i-ANC komasipala baKwaZulu-Natal ngenxa yokuthi i-ANC yakhipha imeya yeDA kuMasipala waseTshwane, uMnuz Cilliers Brink.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe ngeke bayilekelele i-ANC komasipala baKwaZulu-Natal, uBrink engakabuyiselwa esikhundleni sakhe.
“Abakwazi ukusicela ukuthi sibalekelele ekubeni bona bekhipha izimeya zeDA kwezinye izifundazwe.”
Kuke kwaba nenhlansi yethemba lokuthi i-ANC neDA bazosebenzisana komasipala baKwaZulu-Natal emva kokuthi lama qembu eqale ukusebenzisana kuhulumeni wesifundazwe.
Kwaze kwaqala izingxoxo zokuthi lama qembu abambisane kuMasipala waseThekwini, iDA yayithenjiswa isikhundla sikasihlalo wekomiti kulo mkhandlu.
Nokho izingxoxo zagcina zifinyelela kwangqingetshe, nokwaholela ekutheni isikhundla esasithenjiswe iDA sigcine sinikezwa i-EFF.
Mumva nje iDA ayizange iyeseke i-ANC ngesikhathi kuqokwa imeya entsha kuMasipala waKwaDukuza, kunalokho iDA yazama yahluleka ukukhipha usomlomo we-ANC kulo mkhandlu, uNkk Dolly Govender, ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Le senzo sacasula ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, wasigxeka kakhulu isenzo seDA ngesikhathi i-ANC inesithangami nabezindaba.
Nokho uRodgers uthe i-ANC yashaya isikhala ngokugxeka esidlangaleni amaqembu ebambisene nawo kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
“Kwaba ishwa ukuthi i-ANC ihlasele iDA ne-IFP ngesikhathi inesithangami nabezindaba. Le nto yenza ukuthi abantu bangawethembi uhulumeni wokubambisana. Sinenkolelo yokuthi zonke izinto esingaboni ngaso linye kuzo kufanele zixoxwe abaholi bamaqembu ukuze kutholakale isixazululo.”
Abaholi bamaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal babe nomhlangano ngeSonto, lapho bexoxe ngebanga eselihanjwe uhulumeni wesifundazwe nokufanele kwenziwe.
URodgers uthe bajabule ngomsebenzi owenziwa abaholi beDA abaphethe iminyango kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
I-DA iphethe uMnyango wezeZimali, ophethwe uRodgers, kube owezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, ophethwe uMnuz Martin Meyer, uNksz Mmabatho Tembe yena uyiphini likaSomlomo wesiShayamthetho.