UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usethembise ukuthi kuzophela maduze ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emgubheni wosuku lokuzalwa kwengqalabutho engasekho, uNkk Winnie Madikizela-Mandela.
Izolo bekuphela iminyaka engu-86 uNkk Madikizela-Mandela, azalwa. UNkk Madikizela-Mandela washona ngo-2018.
Ekhuluma emcimbini obusemzini kaNkk MadikizelaMandela, eSoweto, uRamaphosa uthe bayayilungisa inkinga kagesi.
Njengamanje izwe libhekene nokucishwa kukagesi okuphakathi kwesigaba sesithathu nesesine.
Ukucinywa kukagesi okwaqala eminyakeni engu-15 eyedlule, sekuke kwakhushulwa kwaze kwafika esigabeni sesithupha.
“Ngizwe kukhona umuntu okhuluma nge-Eskom la. Yiqiniso ukuthi i-Eskom iyasibulala.
“Nginesiqiniseko sokuthi nani emakhaya enu kanijabule ngale nto eyenziwa i-Eskom. Ugesi uyafika ubuye uhambe. Lokhu kuholela ekutheni ukudlakubole emafrijini.”
Ngeledlule uRamaphosa unqamule uhambo lwakhe lwase-USA ukuze azobhekananezinkinga ze-Eskom.
Utshele abebeyingxenye yomgubho wayizolo ukuthi sekuseduzane kutholakale sekuseduze kutholakale isisombululo kule nkinga.
“Enginganitshela kona wukuthi kuzolunga maduzane. Kufanele ukuthi izinto zilunge maduzane ngoba lesi simoesiqhubekayo asisihle. Izinto zamosheka kudala e-Eskom, silokhu sizama ukuzilungisa. Ekugcineni kuzolunga.”
Abantu baxine uRamaphosa, bembuza ukuthi le nkinga izolunga nini?Akazange afune ukuzibophezela ukuthi izolunga nini, wama kwelokuthi isisombululo sizotholakala maduze.
“Angifuni kuthiwe ngaqamba amanga. Ngoba uma ngingathi kuzolunga kusasa, bese kungalungi, kuzothiwa ngiqambe amanga. Engizokushoyilokho ukuthi kuzolunga maduze.”
Ekhuluma ngokugujwakosuku lokuzalwa kukaNkk Madikizela-Mandela, uthe igama likaNkk Madikizela-Mandela alisoze laphela emlandweni wakuleli.
“Ungowesifazane owayenesibindi futhi engasabi lutho. Wayenenhliziyo enhle. Njengoba ayengusonhlalakahle, wayebathanda abantu. Wabasebenzela abantu futhi ebakhonzile.
“Siyajabula kakhulu ukuthola ithuba lokugubha amagalelo aba nawo. Siyazi ukuthi minyaka yonke uma kuwusuku lwakhe lokuzalwa ubebiza abantu ezogubha nabo. Kuyasijabulisa ukuthi namhlanje sihlangene ekhaya lakhe.”