I-ANC KwaZulu-Natal izosebenzisa osondonzima babaholi okubalwa nowayengumengameli wale nhlangano nezwe, uMnuz Jacob Zuma, ukukhankasela le nhlangano njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke.
I-ANC KZN ithe maduzane izomemezela neqhaza labaholi abahlukene, okubalwa nababengondunankulu besifundazwe oMnuz Sbu Ndebele, Dkt Zweli Mkhize, Willies Mchunu noSenzo Mchunu.
UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, uthe bazosebenzisa nabanye abaholi abanohlonze ngalesi sikhathi, oMnuz Sipho Gcabashe noMike Mabuyakhulu.
UMtolo usho lokhu nje, uZuma uqalile ukukhankasela i-ANC njengoba ebekhuluma kwenye yemihlangano yale nhlangano eMandeni ngoMgqibelo.
UZuma uthe luyanda uqhekeko kule nhlangano wathi abantu sebelahle nethemba enhlanganweni.
Unxuse labo abadinwe yi-ANC noma abaholi abathile kuyona ukuthi bangayilaxazi.
“Akulungile ukuthi weseka i-ANC ngoba uthukuthele uthi awusavoti. Usulahla le nto oyiphathele isizukulwane sakho esizayo. Usulahla ikhaya ngoba ucasulwe ngothile, kanti wajoyiniswa yilowo muntu yini ngoba wazijoyinela i-ANC?” kubuza uZuma.
Uthe lesi sifo sihlasele amagatsha amaningi, kumele inyuke imiphumela yokhetho.
“Ukuvota yisona sikhali sethu sokusiza abantu bakithi ukuthi baphume ebugqileni. Le nto esikhala ngayo sithi asiziphethe ezomnotho, yinto esingayishintsha ngevoti. Inkululeko sayilwela ukuze sikhulule umuntu omnyama, akekho umlungu owayecindezelwe,” kusho uZuma.
Uthe ngalesi sikhathi sokhetho maningi amaqembu azophuma enxenxa amavoti.
“Iningi lawo alikaze lenze lutho. Njengamalungu e-ANC kumele sazi ukuthi yini esizoyenza ukuze sibuyele lapho sasikhona, siwine ngamalengiso ukuze sishintshe izimpilo zabantu ngokuyiqiniso.”
UMtolo ubonge uZuma ngokuhabulisa amalungu enhlangano wawabekela nesithombe esicacile ngezinselelo ezibhekene nale nhlangano.
“Siyavumelana noNxamalala ukuthi abaholi kumele bahlale bekubantu ngaso sonke isikhathi ukuze basize. UMsholozi usixwayise ngabafuna ukuqeda ngale nhlangano,” kusho uMtolo.
Uthe bavule izandla ukwamukela labo abashiya le nhlangano baya kwamanye amaqembu amancane.
I-ANC ilokhu yehlelwa ukwesekwa okhethweni lukazwelonke kanti nasokhethweni lokuchibiyela esifundazweni, ilahlekelwa ngamanye amawadi ebiwaphethe kwi-IFP.