IZOMBA eqolo intengo yamaphisisi enkukhu athengwa kwamanye amazwe emuva kokuthi iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz David Masondo, ephasise ukunyuswa kwentela ekhokhwa ngabaletha inkukhu yangaphandle kuleli.
Abaletha amaphisisi angaphandle eNingizimu Afrika sebezokhokha intela ewu-62% isuka ku-37%.
Abaletha inkukhu engenalo ithambo bazokhokha intela ka-42% isuka ku-12%.
Phambilini abemboni ekhiqiza inyama yenkukhu babecele uhulumeni ukuthi ayinyuse ngo-82% intela ekhokhwa ngabaletha inkukhu yakwamanye amazwe kuleli.
I-Emerging Black Importers Association of South Africa (EBieSA) ithe ishaqekile ngokunyuswa kwentela yenkukhu evela ngaphandle ngoba kuzoshayeka abathengi abamnyama abangenayo imali.
Bathe lokhu kuzokwenza intengo yenkukhu imbe eqolo.
Benze isibonelo sokuthi * -2kg wenkukhu evela ngaphandle ubibiza uR129 kodwa manje usuzobiza uR162.25 ngenxa yentela. U-5kg wenkukhu ububiza uR174.95 kodwa manje usuzoba wuR224.99.
Ikota yekhukhu edayiswa koshisanyama yona bathe ibiwuR29.00 manje isizoba wuR36.95.
UMnuz Unati Speirs, onguSihlalo we-EBieSA uthe izwe likwinzikamnotho, abathengi nosomabhizinisi abancane badinga usizo ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo kodwa ukunyuswa kwentela yenkukhu kuzobahlukumeza.
“Osomabhizinisi abathenga inkukhu ngaphandle bazothikamezeka kanjalo nosomabhizinisi abancane abadayisa inkukhu njengoba izwe lihluleka wukudala imisebenzi.
Abathengi abangenayo imali yokuthenga inkukhu ebizayo nabo bazoshayeka,” kusho uSpeirs.
Ngakolunye uhlangothi uMnuz Francois Baird, ongumsunguli wenhlangano elwela ukuthi kube nokuncintisana okuhle embonini yenkukhu, iFairPlay Movement, uthe bayajabula ngokunyuswa kwentela.
“Siyakwamukela ukunyuswa kwentela enkukhwini elahlwa kuleli isuka eBrazil nakwamanye amazwe kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lesi sinyathelo sizowenza yini umehluko kule mboni,” kusho uBaird.
Uveze ukuthi ngonyaka odlule inkukhu yangaphandle ithole uR6 billion ngokudayiswa kuleli.
“Le mali siyayidinga emnothweni wethu, ukuze sivuse imboni, sidale amathuba omsebenzi sifukule nomnotho.
Uma ukunyuswa kwentela yenkukhu evela ngaphandle kungatheli izithelo ezinhle, sizoqhubeka silwele ukuthi inyuswe kakhulu,” kusho uBaird.
Uthe ukunyuswa kwentela kuzoba yisivivinyo sokuqala embonini yenkukhu kuleli ukuyibona ukuthi iyakwazi ukubuyela esimeni sayo, iyakwazi ukugcina imisebenzi nokudala emisha.
“Sifuna ukubona ukuthi imboni yenkukhu izovuka yini incintisane nezinkukhu zaseBrazil nezase-Europe ebesezigcwaliswa kuleli. Siyathemba ukuthi lesi sinyathelo sizovimba ukuphela kwamathuba omsebenzi embonini yenkukhu, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Izinkukhu zakwamanye amazwe bese zigcwele kuleli kusukela ngo-2010 kuya ku-2018 yingakho besifuna uhulumeni avikele imboni ngokunyusa intela,” kusho uBaird.
Uveze ukuthi injabulo yabo ayiphelele ngoba abakutholanga akade bekufisa, ukuthi kunyuswe intela ngo-82% kodwa uyathemba kusazoxoxwa neBrazil ne-European Union ukuze la mazwe ayeke ukubulala imboni yenkukhu yakuleli.