ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sinxuse uhulumeni nezinyunyana ukuba zilusingathe kahle udaba lokubuyela nokungabuyeli kwezingane ezikoleni emuva kokubheduka kweCorona.
Sithula inkulumo izolo KwaNongoma kade sigubha iminyaka engu-72 sazalwa, Isilo sithe nakuba ucwaningo luthi izingane aziguli kalula kodwa uma sezibuyela emakhaya zifica abazali bona abatheleleka futhi bagule kalula.
“Ngikhuluma nje kuvela ukuthi othisha abaningi sebethelelekile ileli gciwane kanti abanye sebeze bashona ngenxa yalo, kubuhlungu lokho. Ngamafuphi Zulu omuhle abukho ubuhlakani ekucabangeni ukuthi ingane iphila yodwa. Isinqumo sokuvalwa kwezikole ngalesi sikhathi kusho ukubaluleka kokuziqoqa kuwo wonke umuntu, ngikubona kubalulekile ukuthi ngihlabe ikhwelo ngilibhekise kuzo izingane ngithi ake niziqoqe, izikole azivalelwe ukuba nibe wuvanzi, akungabi wuwe othwala ukhuvethe uluyise kubazali abebevele beqoqekile, nabo abazali abenze isiqiseko sokuthi izingane ziqoqekile,” kusho iMbube.
Ithe izingane azingacabangi ukuthi zinamalungelo adlula abazali, ingane iyalalela ihloniphe ukuze ikwazi ukukhuliseka.
Isilo siphawula kanjena nje, uMengameli Cyril Ramaphosa usanda kumemezela ukuthi izikole zizovalwa amasonto amane kulandela ukwenyuka ngamandla kwesibalo sabantu ababulawa nabangenwa yiCorona njengoba izibalo zikhula.
Isinqumo sikaRamaphosa samukelwe yizinyunyana zothisha ebezivele zizwakalisa ukukhathathazeka mayelana nesinqumo soMnyanyo weMfundo eyisisekelo sokuthi kuvulwe izikole ngesikhathi igciwane lisadlangile.
Kungakapholi maseko izikole zivuliwe, eziningi ezindaweni ezahlukene kuphoqeleke ukuba zivale kulandela ukwenyuka kwesibalo sothisha nabafundi abathelelekile.
Isilo siphinde samema uhulumeni sathi akaxhumane nobukhosi ukuze abone ukuthi yikuphi nabo lapho bungabamba khona iqhaza.
“Nazo izinhlaka zobukhosi aziqinisekise ukuqoqeka komphakathi ezindaweni zazo ngoba amakhosi iwona athinteka kakhulu ngabantu abasuke sebeshonile ngenxa yalolu khuvethe. Njengoba kungcwatshwa zonke izinsuku sebefile abantu ukumba,” kusho iMbube.
Inxuse ubumbano kuzona zonke izinhlaka ikakhulukazi osopolitiki ngalesi sikhathi sobhubhane.
“Nizokhumbula ngesikhathi ngivula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngakhuluma ngomoya waseSandlwana, umoya wobumbano namanje ngiyaphakamisa ukuthi akubunjwane ukuze sikwazi ukunqoba lolu khuvethe olusihlasele.