ZIBHIKISHE ngaphandle kwamasango esikhungo izitshudeni zaseLangeni TVET College ophikweni lwaso olukwaNyuswa iQadi campus izolo, zikhala ngokunswinywa yiziphathimandla zesikhungo imali eyabelwe izitshudeni ngabesikhwama esibhekela izitshudeni iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Izitshudeni ebezithukuthele zigxobe itoyitoyi emasangweni esikhungo zifuna kudedelwe imiphumela ebanjwe yisikhungo yezitshudeni ezibuyayo.
UNhlakanipho Ngidi onguSihlalo wenhlangano yezitshudeni, iSouth African Students Congress, uthe bengabaholi bezitshudeni sebezame kaningi ukukhuluma neziphathimandla zekolishi ngezinkinga zabo.
“Isikhwama esisiza izitshudeni iNSFAS sikhipha imali siyinike abesikhungo bese isikhungo siyidlulisela kwizi-tshudeni ezifake izicelo. Iningi lezitshudeni alikayitholi imali ikakhulu leyo yokukho-khela izindawo zokuhlala noma eyokugibela kulabo abahlala emakubo,” kusho uNgidi.
Uthe ezinye izitshudeni sezigcina sezingena ebudlelwaneni obungalungile ngoba zizama imali yokuqasha kanti imali ayikaze itholwe selokhu kuqale unyaka. Uveze ukuthi ngu-10% kuphela wezitshudeni ezikhokhelwa yikolishi.
Uveze ukuthi nakwezinye izikhungo zaleli kolishi okubalwa kuzo esiseNtuzuma, iNanda nakwaDabeka nakhona ukufunda kumile.
UNothando Sosibo, we-EFF Student Command ophikweni lwekolishi eliseNtuzuma, uthe kulolu phiko selokhu ukufunda kume ngesonto eledlule.
Ezinye izinto izitshudeni
ezikhala ngazo ezokukhokhiswa kwezitshudeni imali engaphezu
kukaR1000 ngesifundo osifeyiliwe.
Izitshudeni ziphinde zikhale ngezincwadi eziqinisekisa ukuthi isitshudeni sibhalisile njengoba zithi
ezinye zazo zinemininingwane enamaphutha. Ziphinde zakhala ngokugcwala ngokweqile emagunjini okufundela.
Okhulumela lesi sikhungo uNksz Buhle Zwane unqabile ukuphendula wayalela ukuthi imibuzo yonke mayelana nezinkinga zezitshudeni izophendulwa namuhla esithangamini nabezindaba esizoba sophikweni lwaso olusePinetown.