IMIFELANDAWONYE yezinyunyana ebimashela ukubiza kwempilo eNingizimu Afrika, inike uhulumeni izinsuku eziwu-14 ukuba aphendule izimfuno zayo.
Le mifelandawonye ebihola izimashi ezweni jikelele okuyiCongress of South African Trade Union (Cosatu) neSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ikhala ngokuthi impilo iyabiza eNingizimu Afrika, kodwa amaholo abasebenzi awanyuki.
IPhini likaMengameli weCosatu, uMnuz Mike Shingane, litshele uNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele, ukuthi abasebenzi bathwele kanzima ngenxa yokubiza kwezindleko zempilo eNingizimu Afrika.
UShingane uthe ukudla kuyabiza, uphethroli unyuka umlibe, izinkampani zikahulumeni ziyadayiswa noma kuthiwe sezizosebenza nezinkampani ezizimele futhi uhulumeni akafuni ukunyusa amaholo abasebenzi.
Uthe abahambisani nokudayiswa noma ukuhlakazwa kwezinkampani zikahulumeni abale kuzo i-Eskom ngoba lokhu kuzobizisa ugesi.
Uthe uma izinkampani zikahulumeni ezifana ne-Eskom nePrasa seziphethwe yizinkampani ezizimele, abampofu ngeke bakwazi ukugibela izitimela ngoba kuzobe sekubiza kanti nogesi kusho ukuthi uzoba yinto yabathile.
UNobhala-Jikele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe osomabhizinisi kufanele badale amathuba omsebenzi, bayeke ukuhlala phezu kwezizumbulu zemali ngoba benza inzuzo kuleli bese beyitshala kwamanye amazwe.
Uthe kubaphethe kabi ukuthi iStatsSA silokhu siveza ukuthi abantu abamnyama, abesifazane nabasha baswele kakhulu amathuba omsebenzi.
“Uhulumeni akalungise lesi simo ngoba sihleli phezu kwenhlekelele. Kasihambisani nanokuqashwa kwabasebenzi babe yitoho isikhathi eside, sifuna uphele lo mkhuba. Abasebenzi ababumbane ukuze kuliwe nezinkinga zokubiza kwempilo nosozimboni ababhinca izigidi zemali bayo bese kungadaleki amathuba omsebenzi amasha ezweni,” kusho uVavi.
Kume nse ukuhamba kwezimoto enkabeni yedolobha iTheku, izinkulungwane zabantu iningi labo ebezigqoke imifaniswano yezinyunyana ezingaphansi kwe-Cosatu, zigcwele isitaladi uPixely kaSeme, zimasha.
Le mashi ebisuka epaki iKing Dinuzulu yaphelela eCity Hall, beyiholwa ngabaholi abahlukene okukhona kubo uNobhala-Jikelele weCosatu, uMnuz Bheki Ntshalintshali, owayewusihlalo we-SACP esifundazweni, uMnuz James Nxumalo, uNobhala wenyunyana yothisha i-South African Democratic Teachers Union, uNksz Nomarashiya Caluza, ubuholi beCosatu esifundazweni nabaholi bezinhlangano ezehlukene ezingamadlelandawonye ne-ANC.
Ekhuluma neSolezwe ngaphambi kokufunda uhlu lwezikhalazo olubhekiswe kuhulumeni, uNobhala weCosatu eKZN, uMnuz Edwin Mkhize, uthe iningi labantu abashayekayo ngenxa yalesi simo sokwehla kwamandla omnotho, ngabantu abahluphekayo iningi labo okungabasebenzi.
“Osomabhizinisi kuleli kabanendaba nabasebenzi. Abafuni ukutshala imali yabo kubasebenzi. Awukwazi ukuzibiza ngosomabhizinisi kodwa ungakwazi okufanele abasebenzi bakho. Sithi kumele kwakhiwe amathuba emisebenzi futhi indaba ka-36% yabantu abangasebenzi kuleli, kumele ibhekwe. Abantu abangu-10 million abathembele emalini yesibonelelo sabangasebenzi enguR350 nayo engenele, kumele ibhekwe,” kusho uMkhize.
Phakathi kokunye okuvele ohlwini lwezikhalo, udaba lwenkohlakalo okuthiwa iyimbangela yokulahleka kwamathuba emisebenzi. I-Cosatu inxuse uhulumeni ukuthi alusukumele lolu daba.