IZINYUNYANA zothisha zisola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokungaqini kwezokuphepha ezikoleni njengoba kwanda izigameko zokuhlaselwa nokubanjwa inkunzi kothisha.
Kuthiwa othisha nabafundi basesikoleni Insizwakazi Primary, esisendaweni yaseMbhedula, eMariannhill, basathuka izanya njengoba ngoMsombuluko kungene abasolwa ababili emagcekeni esikole bakhomba othisha ngezibhamu babaphuca amafoni, imali nama-laptop.
Kuthiwa baqale babuza uthishomkhulu wesikole, kuthe uma kuvela ukuthi akekho, babaphoqa ukuthi babanikeze lezi zimpahla. Kwenzeka lokhu nje bekusabatshazwa isenzo sokuzama ukusoconga uthishomkhulu wesikole Indonsa High, esiseNewcastle, ngesonto eledlule, odutshulwe amahlandla amathathu kodwa waphuma engenamyocu.
Inkinga yokungaphephi ezikoleni sekunesikhathi eside izinyunyana zothisha nabazali bekhala ngayo nangokuthi izikole eziningi azinabo onogada.
UNobhala weSouth African Democratic Teachers Union KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe akukho nakancane ukuphepha ezikoleni.
“Izikole zisanda kuvulwa nje kodwa seziziningi izigameko esezibikiwe. Lokhu kuyakhathaza kakhulu ngoba uma othisha nabafundi behlaselwa kuba nzima ukufundisa nokufunda. Lolu dlame nobugebengu kulokhu kuqhubeke njalo kodwa akukho umnyango okushoyo okunikeza ithemba,” kusho uNksz Caluza.
UMengameli weNational Teachers Union, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe kuyadumaza ukuthi kuzo zonke izikhungo zikahulumeni ziqinisiwe ezokuphepha, njengoba iningi lazo ligadwa ngonogada abazimele, kodwa izikole azinakiwe.
“Asazi ukuthi uhulumeni ulinde ukuthi kuze kufe bani ngempela. Ngeke isikole esinabafundi abangu-1000 uthole ukuthi sigadwe ngunogada oyedwa, nakhona ongakuqeqeshelwe ukugada, umsebenzi wakhe okuwukuvula isango. Ngisho iziteshi zamaphoyisa zigadwa yizinkampani zonogada ekubeni amaphoyisa ezifundele ezokuphepha futhi enezikhali zokuzivikela kodwa kuhlukile kothisha nabafundi njengoba bona impilo yabo isengozini nsuku zonke,” kusho uMalinga.
Uthe ukuqiniswa kwezokuphepha akwenzelwa nje abafundi, abasebenzi nothisha nje kuphela kodwa kungabuye kusize ekunciphiseni izinga lokuntshontshwa kwempahla yesikole njengamakhompyutha. Uthe kwesinye isikhathi othisha bayaphoqeleka ukuthi uma kuvalwa izikole baqiqinge amakhompyutha beyowagcina emizini yabo ukubalekela ukuthi ebiwe, okuyinto ebathwesa omunye umthwalo, ibeke nomsebenzi wabo engcupheni ngoba ngokomthetho ukugcina impahla yesikole endaweni yakho akuvumelekile.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela aboMnyango wezeMfundo esifundazweni bengayiphenduli imibuzo abathunyelelwe yona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubamba inkunzi.
“Lokhu kulandela ukuthi othisha besikole bebanjwe inkunzi ngabasolwa abangaziwa ngoMsombuluko. Kubikwe kuthi abasolwa bathathe imali, amafoni nama-laptop bashaya bachitha,” kusho uLieutenant Colonel Gwala.