IZINYUNYANA zabasebenzi zithi kuzohlupheka abampofu njengoba izinkampani zilokhu zimemezela izinhlelo zokudiliza abasebenzi ezweni.
Kuleli sonto i-Anglo Platimum imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi abawu-3 712 nosonkontileka abawu-620.
IKumba Iron Ore imemezele ukuthi yona izodiliza abawu-500.
Isolezwe libike ukuthi kuzodiliza abasebenzi abawu-6 000 eSouth African Post Office, kudilizwe abawu-214 eSouth African Breweries.
Zisamile izinhlelo zokudiliza abasebenzi abawu-3 500 enkampanini yensimbi, i-ArcelorMittal.
IPhini likaNobhala Jikelele weNational Union of Mineworkers (Num), uMnuz Mpho Phakedi, lithe badidekile ngesenzo esinonya sabaqashi sokudiliza isibalo esiningi kangaka sabasebenzi.
“Thina sithole izincwadi zase-Ango Platinum naseKumba Iron Ore, ezithi kuzodilizwa abasebenzi abayela ku-5 000. Yisenzo esinonya, esizohluphekisa abasebenzi basezimayini abampofu.
Sizokwenza konke okusemandleni ukulwa naso kodwa kufanele sisho ukuthi sikhathazekile ngokuphela kwemisebenzi,” kusho uPhakedi.
Uthe izinkampani ezidilizayo zikhale ngokungabikho kukagesi, amaguzu ahambisa impahla emachwebeni nezingqinamba emkhakheni wensimbi.
“Asiphiki ukuthi zikhona izingqinamba kodwa abaqashi bahambisa phambili inzuzo kunenhlalakahle yabasebenzi. Bafuna ukuletha amarobhothi ezimayini. Kubuhlungu ngoba vele eNingizimu Afrika sinesibalo sabantu abaningi abangasebenzi,” kuchaza uPhakedi.
Ucele uhulumeni ukuba alungise indaba yokunqamuka kukagesi, izinkinga zamaguzu nokulethwa kwensimbi yaphesheya eshibhile kuleli.
Ukhale ngokuthi uma zingakalungi lezi zingqinamba, abaqashi bazolokhu bediliza abasebenzi.
UMnuz Trevor Shaku, okhulumela iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ucele uhulumeni ukuba asukume alungise inkinga kagesi, eyengqalasizinda endala, eyamaguzu nokusebenza kwamachweba.
Uthe lezi zinkinga aziphazamisi nje izimboni ezinkulu kodwa ziphazamisa nempilo yabantu nsuku zonke.
Ugxeke uhulumeni ngokungabi nesisombululo senkinga kagesi yize sekuphele iminyaka iququda abantu baseNingizimu Afrika.
Ucele osozimboni ukuba bahlale phansi nezinyunyana ukuze kutholakale isisombululo ezinkingeni ezigcina zilahlekisela abantu ngemisebenzi.
UMnuz Matthew Parks, okhulumela iCosatu ePhalamende, naye uthe azicacile kahle izinhlelo zokudala amathuba omsebenzi njengoba neposi lizodiliza inqwaba yabantu.
Uthe yize bezwa ukuthi uhulumeni uzosebenzisana nezinkampani ezizimele ukukhiqiza ugesi kodwa akucaci kahle ukuthi uzohamba kanjani, njengoba kufanele kulungiswe uhlelo lokuwusabalalisa.
Uphethe ngokuthi bayaqhubeka nokulwela inhlalakahle yabasebenzi baseNingizimu Afrika.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, ucele i-Anglo Platinum ukuba ihlangane nezinyunyana ukuze kuzomiswa noma kuncishiswe isibalo semisebenzi engase ilahleke.