UMHOLI wethimba labaphenyi becala lokufa kukaSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uyihleke usulu wayichaza njengentimbothi eyokuthi wancenga ummangalelwa ngoR 3 milion ukuze akhulume, avume icala.
UMeyiwa owayeyisilomo sikanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Icala lokubulawa kwakhe liyaqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho okushushiswa khona abalisa abahlanu.
UMbuso umi ngobufakazi bezitatimende zabamangalelwa okuthiwa bawavuma amacala basayina kodwa bayaphika bathi bona bavunyiswa ngenkani. Abameli babamangalelwa bafake isicelo sokuthi ijaji licubungule bese linquma ukuthi kufanele yini lezo zitatimende zemukelwe njengobufakazi.
Umphenyi uGininda wuyena ophekwa ngemibuzo yithimba labameli ngobufakazi bakhe abethule enkantolo azimisele ukugojela ngabo abamangalelwa.
NgoLwesine, ummeli wabamangalewa u-Advocate Thulani Mngomezulu, umangaze abaningi eveza izinsolo zomgwazo athi zivezwe wummangalewa wesibili uBongani Ntanzi. UMngomezulu uthe uNtanzi washaywa evunyiswa icala ngenkani, emuva kwalokho uGininda wamthembisa imali.
“UNtanzi uthe wahlukunyezwa washawa evunyiswa icala, emuva kwalokho wena waxolisa kuyena wase umtshela ukuthi uma engase asebenzisane nawe avume icala uzomnika uR3 million,’’ kusho uMngomezulu.
Ngaphambi kwalokho, uMngomezulu uwuqalile umusho wakhe kuthe sekufanele asho isamba semali wathi ucela ukubuza kuNtanzi kuqala, kube yimizuzwana wase ebuya nendaba kaR3 million.
IJaji uRatha Mkgoatlheng liqaphele ukushaqeka kukaGininda, lambuza ukuthi umangazwa yizinsolo zokugwaza noma yisamba sikaR3 million.
UGininda ephendula lokhu uvele wahleka kancane, wathi kufanele nenganekwane lokhu akuzwayo.
“Ngishaqekile ukuzwa ukuthi iphoyisa lingathembisa ummangalelwa imali ngoba kwenzenjani Nkosi yeNkantolo? Ophikweni lwethu asinaso ngisho isabelomali esingako futhi ummangalelwa wayezikhulumela nje evuma icala ngokuthanda kwakhe,’’ kusho uGininda.
Kuvela izinsolo zomgwazo nje, uGininda ubesanda kumangaza abaningi ephihliza iguncu, eninda uKelly emkhomba njengomuntu owasasazela uMeyiwa ngezinkabi.
Icala lisheshe laguqa kunesikhathi esejwayelekile ngenxa yokuthi kukhona amarekhodi okufanele atholakale enkantolo yaseBoksburg.