KUBUYE inhlansi yethemba izolo kwabasiza ezikoleni abangakaholi kusukela ngoDisemba emuva kokuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukhiphe izinamba okufanele bazifonele uma bengaholile.
Izolo, uMnyango weMfundo eyisiSekelo uthe uyazi ukuthi kukhona abasiza ezikoleni, nabasiza othisha abangakaholi ngakho usuthathe izinyathelo zokulekelela izifundazwe ukuba zilungise lolu daba.
“Sibe nomhlangano ophuthumayo nabaphethe izimali zoMnyango wezeMfundo kuzo zonke izifundazwe ngoLwesibili. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi bonke abasiza ezikoleni nabasiza othisha bayahola. Sicela abangakaholi kuze kube manje ukuthi bathinte abantu esibabhale kulo luhlu,” kusho aboMnyango weMfundo eyisiSekelo.
Bacele abangakaholi ukuthi baqinisekise ukuthi bathumela imininingwane yabo efanele ukuze bathole imali yabo.
Ngokudlule Isolezwe lalibhale ukuthi abasiza ezikoleni nabasiza othisha bazohola ungakapheli uJanuwari kodwa uze waphela abaningi bengaholile.
Kulindeleke ukuthi bahole umholo wezinyanga ezimbili uma sebethola imali yabo.
Naba abathintwayo ezifundazweni :KwaZulu-Natal uMnuz Bafana Zwane 082 802 1275
Eastern Cape uNksz Lukhanyo Sidiya 073 923 6960
Free State uMnuz Fikile Hugo 064 654 9608
Gauteng uNksz Lydia Phehla 083 460 1310
Limpopo uMnuz Matthew Mhlongo 082 803 2163
Mpumalanga uNksz Leoma Delport 071 124 9345
Northern Cape uMnuz Mzwandile Mothelesi 071 524 3562
North West uMnuz Simon Montjane 082 309 6904
Western Cape uNksz Erna Veldman 082 884 3990