IMOTO kumele yenze impilo ibe lula, ikwazi ukukuthatha ikubeke. Ngenxa yezikhathi zamanje, imoto isithumela umyalezo ngempilo ephilwa ngumuntu.
Kwezinye izinhlanga, ikakhulu abamhlophe, imoto kayithi shu. Kuyenzeka uthole isigwili esinemizi emithathu, esiyaqedwa ukukhokhelwa, sizihambela ngeToyota Tazz ezigugele.
Ababaningi abantu abamnyama abanjalo. Imoto kithina isho lukhulu. Yiyonanto esijwayele ukukhombisa ngayo ukuthi sesinemali. Ngenxa yalesi sizathu sekuze kwakheka umqondo othile nezinkolelo ezithile ngabantu abashayela izimoto ezithile. Namuhla sizoke sibheke lolu hlu.
1. Toyota Corolla: Abantu abashayela lezi zimoto bathathwa njengabathembekile futhi bashadile. Ngeke-ke wasukela indoda ehamba ngoCorolla bese uyathuka uma uthola ukuthi inonkosikazi.
2. Toyota Hilux: Iningi lalaba abahamba ngalezi zimoto basematekisini noma basebenza ezinkontrakini. Bajwayele ukukhonza utshwala nenyama. Maningi amathuba okuthi banesithembu. Uma bengenasithembu baba nomama bezingane abehlukahlukene. Kepha bathembekile emasikweni esiNtu, abazwani futhi nezicwicwicwi.
3. Toyota Fortuner: Yize abaningi beyithatha njengemoto yothishanhloko, abanikazi bayo ngabantu abakhonze impumelelo nezinto ezinhle. Igenge eningi ekhonze lezi zimoto isuke idabuka emakhaya. Abahlukile kakhulu kubanikazi bamaHilux.
4. VW Polo: Badume kabi kakhulu. Imicimbi yaziwa yibo. Bayadakwa, bakhonze izintombi. Maningi amathuba okuthi uma uthandana naye anyamalale impelasonto yonke avale ucingo. Akuve bewathanda ama-one night stand. Futhi abeve bekubalekela ukondla izingane.
5. VW Golf/GTI: Bangabantu abazikhonzile izinto ezinhle. Ngenxa yejubane lezimoto abahamba ngazo, bayakwazi nje kalula ukuvakashela izintombi ezintathu ngosuku. Iningi labo lisazihlalela ekhaya, abakabi nayo imizi ethi bona.
6. Jeep: Maningi amathuba okuthi kube yisikhulu enkampanini ethile. Bajwayele ukuba namathenda. Baba yizishabasheki kwezepolitiki kodwa uthole ukuthi esikoleni babengazi nokuthi lidumephi ngezomzabalazo. Nasothandweni bawothathekile.
7. VW Amarok: Laba bakhonze impilo yokuyodoba noma kwesinye isikhathi umuntu avele akhethe ukuyozilalela ehlathini. Bajwayele ukuphila isilungu. Abazikhonzile izintombi.
8. Volvo: Noma yiluphi uhlobo lwale moto abahamba ngalo, labo bhuti bajwayele ukuthembeka kakhulu nabo. Iningi lishadile, futhi lineminyaka engu-40 kuya phezulu. Bafana nse nobhuti bamaCorolla.
9. Audi A4: Laba-ke basile kakhulu. Yile nhlobo ewongoqo ongeke uthole lutho kuyona, yize imali benayo. Isikhathi esiningi bangabantu abanenkani nje kodwa abazaziyo izinto.
10. Hyundai i20: Bacishe bafane nabahamba ngamaVW Polo, kodwa laba-ke bangabantu abazicubungulisisayo izinto, bayakwazi nokubeka imali. Ngabe bahamba ngawo amaPolo nabo, inkinga banqena ukuhlezi besukuma emicimbini beyobheka ukuthi imoto ayikakantshontshwa yini.
11. Mercedes Benz C Class: Bangabantu abacophelelayo. Uma bephuza, yilolu hlobo olubala ukuthi i-whiskey ineminyaka emingaki. Kodwa bayathanda ukushaya umthetho. Futhi uma sekufike bona bathanda ukuthi kulalelwe bona kuphela. Bawubukela phansi umbono womunye umuntu.
12. BMW 3 series: Bazitshela ukuthi yibo kuphela abahamba ngezimoto ezinejubane. Ave bethanda ukuthatha amashansi. Bahlezi benza izinto ezinobungozi nasothandweni.
13. VW Caravelle: Leli kuthiwa yibhasi lokukhohlakala. Iningi labanikazi balo bazikhohlisa ngokuthi elokuthutha “izipesheli” mhlambe abantu abaya ebhishi noma emibondweni, kodwa empeleni kugcina sekuyibhasi okuphuzelwa kulona. Bajwayele ukuthanda izintombi-ke nabo futhi bahamba bewumgengana.
14. Mini Cooper: Uma kuwukuthi uneminyaka engaphezu kuka-30 kodwa uthanda le moto, kumele wazi ukuthi usenobungane. Uhlobo olusakhonze ukudlala kakhulu.
15. Kulolu hlu: Asizobala moto kodwa sizoqoqa ndawonye abantu abahamba ngezimoto zakudala. Kungaba iTotoya Tazz, iFord Meteor noma yini. Labo yinhlobo engazwani nesikweletu. Akuve belobolana, futhi bayakwazi ukuhlinza imbuzi nokuziphekela isiZulu.
Sesiphetha, kungenzeka ukuthi abanye abantu abahamba ngalezi zimoto abahlangene nhlobo nempilo echazwe la. Ngelizayo sizoza nohlu lwezimoto ezijwayele ukuhamba izintokazi nokuthi abanikazi bazo badume ngani.