UHLELA ukuthatha izinyathelo okuthiwa ufuna ukuyisa ibandla lakwaShembe enkantolo. Umfundisi owamiswa kukhalwa ngokuthi uhlinzeke amakholwa ngamanzi ohambeni lomhlangano kaJanuwari kuthiwa ufuna ukuthatha izinyathelo eziphikisana nokumiswa kwakhe.
Imithombo esondelene naleli bandla nabaseBuhleni, ithe uMfundisi Lucky Mvubu omiselwe ukuhlinzeka amakholwa ngamanzi ngesikhathi enyukela entabeni eKhenana ngoJanuwari, usenqume ukulufaka enkantolo udaba.
Kuthiwa isinqumo usithathe ngemuva kokuthi ezame ukuthola izimpendulo kubameli abambhalela incwadi ngezizathu zokummisa namacala abhekene nawo ebandleni, kodwa bangamphendula.
Ethintwa uMvubu uvumile ukuthi kunezinhlelo aphezu kwazo ngokumiswa kodwa wangazidalula. Uthe sekukaningi eshayela ucingo abameli ebabhalela nama-email kodwa abakaze baphendule.
“Engikwenzayo kungenxa yokufisa ukwazi ukuthi kwenzekani ngoba ngikhulele kulona leli bandla. Ukuhlala ekhaya ngingahlanganyeli nabazalwane ngenze nemisebenzi yami engibizelwe kuyona akungiphathi kahle,” kusho uMvubu.
Umthombo okuleli bandla uthe : “Selokhu uMvubu amiswa wuMfundisi Hlatshwayo ngoJanuwari 26 akukaze kube nezinkomba zokuthi kukhona okuvelayo ngekusasa lakhe ebandleni. Kuthule nje futhi akekho oyithi vu indaba yakhe.’
Uqhube wathi ngokwenqubo yebandla umuntu umiswa izinyanga ezintathu. Okungale kwalokho kusuke kuwukuthi usexoshiwe.
“Eyesihlanu le nyanga. Kuyaxaka ngoba uMvubu uyaziwa ngeqhaza analo ebandleni njengoba esiza kokuningi njengokushadisa, ukweluleka abahaqwe izifo ezifana nokhwantalala, HIV/AIDS nokunye okubalulekile. Silimele ngokungabi khona kwale nceku,” kubalisa umthombo.
UMfu Hlatshwayo uthe akukho angakuphawula, makukhulunywe noMfu Nzama.
“Akamiswanga yimina uMvubu, wamiswa wumkhandlu. Ngangiwusihlalo wangalolo suku kuphela. Umkhandlu wanquma ukumumisa uMvubu ngoba umthole enamacala watshelwa ukuthi izazimthetho zizophenya kabanzi ngodaba lwakhe futhi kuyoba yinkantolo enquma ngaye,” kusho uHlatshwayo.
Imizamo yokuthola uNzama ayiphumelelanga.
Okhulumela abaseBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe uthe akukho angakusho ngalolu daba wathi kusaphenywa, abantu mabalinde.
UMvubu uzithola ebhekene nalesi simo nje kungenxa yesiphakamiso asenza enkampanini asebenza kuyona iLandile Shembe Foundation ebambisene neyomshwalense sokuxhasa amakholwa uma esenyukela eKhenana.
Abameli bebandla, iMaharaj Attorney’s, bambhalela incwadi ngoFebhuwari 19, esolwa ngokwenza okuphambene. Usolwe nangokwenza isivumelwano nabaxhasi ngenhloso yokwenza inzuzo.
Phambilini uLandile Shembe, ongumzukulu kaGalile “JG” Shembe odume ebandleni ngeLanga Lamalanga, wathi akukho nzuzo eyatholwa wuMvubu.