IZINGWEVU zikaKhongolose, i-ANC Veterans League (ANCVL), zithi akuphuthunyiswe udaba lokuthathela owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, izinyathelo ngokuvula iqembu uMkhonto weSizwe. UMengameli we-ANCVL, uMnuz Snuki Zikalala, uthe akungashonwa ezintangeni ngodaba lukaZuma.
UZuma usematheni ngokwethula iqembu uMkhonto weSizwe athe uzoleseka okhethweni futhi alivotele. Uthe akasayingeni indaba yokukhankasela aphinde avotele i-ANC ngoba kuningi angeneme ngakho. UZuma wethule lo mbutho ngempelasonto edlule eJabavu, eSoweto.
Kudilike umthangala emuva kokuthi uZuma ethule inhlangano yakhe abantu bethutheleka beyojoyina kuyona. Nasezinkundleni zokuxhumana abantu bebevumelana ngokuthi sebethole ikhaya lezombusazwe.
Okudale inzukazikeyi ngesinqumo sikaZuma wukuthi wathi akashiyile kwi-ANC kodwa uzolokhu eyilungu layo njengoba ethe isinyathelo sakhe siwukulungisa i-ANC ngoba uyayithanda, wumbutho akhulele kuwona.
UZikalala uthe sekucacile ukuthi uZuma kufanele abekwe amacala ngesinyathelo asithathile.
“Kufanele kube wudaba oluphuthumayo lolu lokuthi owayengumengameli, uJacob Zuma, athathelwe izinyathelo. Uphambene nomthethosisekelo wenhlangano futhi kwawona uMkhonto weSizwe kufanele uthathelwe izinyathelo ngokusebenzisa igama lombutho wezempi ngokungekho emthethweni,’’ kusho uZikalala.
UZuma wabuzwa ngokuthi akasabi yini ukuthi i-ANC ingase imshushise, wathi cha akanankinga ayoke ilokothe ikwenze lokho.
UZikalala uthe kunobufakazi obukhomba ukuthi i-ANC iyazisukumela izinto okukhalwa ngazo eziyizinkinga nezingase ziyinyunde kubavoti. Uthe kumanje kunohlelo lokuvuselela kabusha i-ANC futhi lokhu kubonakala ngemigomo ebekiwe yokukhethwa kwabantu abazoyimela ePhalamende.
“Uma ubheka nje, uqabane uMavuso Msimang uvumile ukubuyela ekhaya emuva kokuthi ethole isiqiniseko sokuthi konke akhala ngakho kuzolungiswa. Sivumelene nehhovisi likanobhala-jikelele ukuthi abantu abanogcobho akufanele bafakwe ohlwini,’’ kusho uZikalala.
UZikalala uthe kufanele basebenzele ukuthi babe nomkhankaso wokhetho onohlonze. Uxwayise ngokuthi kodwa kufanele bakugweme ukulutha abantu bebathembise izulu nomhlaba ngemali kahulumeni engekho nayo.
Uthe i-ANC kufanele ifingqe imikhono izimisele, iye kubantu ukuze bayethembe ngoba kungenjalo iyobuya nenduku yombangandlala okhethweni.