IZIKOLE eziningi sezicele abafundi ukuthi bangasiphathi isiphuzo, iPrime, esisematheni ezikoleni.
Emlayezweni weWhatsApp obhekiswe kubazali, isikole samabanga aphansi saseThekwini, iDurban Primary sicele abazali ukuthi bathumele amanzi noma ijusi esikhundleni salokho.
Lesi siphuzo esitholakala ngezinhlobo ezimbili, okuyiPrime Hydration nePrime Energy esisanda kwethulwa kuleli sisematheni kulezi zinsuku ngoba baningi bafuna ukusizwa ukuthi sinamuphi umehluko eziphuzweni ezinikeza umdlandla ezikhona.
“I-Prime Hydration etholakala eNingizimu Afrika kayinayo i-caffeine. YiPrime Energy engatholakali eNingizimu Afrika enesexwayiso seminyaka yobudala. Kodwa-ke, njengamanye amajusi, sicela iphuzwe emakhaya kuphela, esikoleni izingane nizifakele amanzi noma ijusi exutshwe namanzi," kusho iWhatsApp ethunyelwe yisikole.
Umyalezo ovela kwesinye isikole samabanga aphezulu uthe abafundi abavunyelwe ukuthi baphuze iPrime emagcekeni esikole ngezikhathi zesikole.
I-Energy inesexwayiso sokuthi ayifanele wukuphuzwa ngabantu abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala, abakhulelwe noma abancelisayo.
Namanye amazwe aseke aphakamisa ukuthi lesi siphuzo singaphuzwa yizingane.
USolwazi Evangeline Mantzioris, we-University of South Australia, obehlaziya izithako ezifakwe kulesi siphuzo, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba, ethi ikani lesiphuzo esibizwa ngePrime Energy lino-200 milligrams we-caffeine okuyi-caffein elingana nephindwe kabili noma kathathu kwetholakala emakhofini ajwayelekile. Inama-kilojoules angu-40 atholakala kuma-carbohydrates, yize kuthiwa inikeza umdlandla.
Echaza ukuthi kungani abakhulelwe kungamele baphuze i-caffeine eningi, uthe i-caffeine ingangena kumzanyana, bese iya enganeni ekhulayo. Umbungu okhulayo awukwazi ukumunca i-caffeine, ngakho-ke ilokhu ijikeleza egazini ingaphumi.
"Ucwaningo lwaphambilini lukhombisa ukuthi ukudla kakhulu i-caffeine kuhlotshaniswa nokukhula kancane kwengane, ukunciphisa isisindo sokuzalwa, ukuzalwa ngaphambi kwesikhathi nokubeletha," kusho yena.
Uthe imizimba yezingane nayo ingagcina esigabeni esithile uma ihlakaza i-caffein emzimbeni ngenxa yesisindo somzimba wazo esiselula.
IPrime Hydrate, engenayo i-caffeine uthe iqukethe ama-amino acid e-branch chain, noma i-BCAA, okuyizithako ezikwenza ube nemisipha eminingi.
Alukho ucwaningo lwabantu oluhlole i-BCAA nokukhula kombungu. Lungakenziwa, abesifazane abakhulelwe kufanele bagweme lezi zithako. Ngokufanayo, akukaze kube kuhlolwa kwalezi zithako ezinganeni ezingaphansi kweminyaka engu-18, ngakho asikho isiqinisekiso sokuphepha kwazo," kusho yena.