UMASIPALA waseThekwini usubeke eceleni izigidi zamaRandi zokuthenga amabhasi amasha azolawulwa inkampani ekweleta lo masipala izigidi zamaRandi, iTansnat.
Lo masipala uhlela ukusebenzisa imali engaphezu kukaR650 million eminyakeni emine ezayo ukuthenga amabhasi abalelwa ku-200.
Amabhasi kamasipala alawulwa iTansnat, ebhekene ngeziqu zamehlo nomasipala ngenxa yesikweletu le nkampani esikweleta umasipala esiwuR598 million.
Izinhlelo zokuthengwa kwamabhasi amasha zihlaluke embikweni owethulelwe umhlangano wesigungu esiphezulu obuyizolo.
Umbiko owethulwe osabambe njengemenenja kamasipala, uMnuz Sipho Cele, uveze ukuthi umasipala uhlela ukuthenga amabhasi angu-185 ngaphambi kokuphela konyaka wezimali ka2023/24.
Ngokwezinhlelo, umasipala uzothenga amabhasi angu-50 kule minyaka yezimali emithathu ezayo, bese uthenga awu-35 ngowesine.
Lokhu kuzodla umasipala imali engaphezu kukaR650 million.
Eminye yemibandela yokuthengwa kwala mabhasi ukuthi iTansnat ikhokhe ingxenye yemali eyikweleta umasipala.
Ngokombiko, ikhona ingxenye yesikweletu le nkampani esikwazile ukusikhokha kanti futhi kunezingxoxo eziqhubekayo.
Lezi zinhlaka zombili zibambene ngezihluthu empini yomthetho esithathe iminyaka ingasombululeki njengoba iTansnat ingafuni ukukhokha yonke imali okuthiwa iyayikweleta.
Ngonyaka odlule Isolezwe libike ngokukhungatheka kukamasipala ukuthi uzosithola kanjani isikweletu.
Embikweni umasipala wazwakalisa ungabazane ngokuthi le mali iyoke ibuye, wasikaza nokuthi sivele sisulwe.
Ngawo unyaka odlule, kwaphinda kwavela ukuthi kunamabhasi amasha ceke alomasipala angu-42 aduve esikhumulweni samabhasi, angakaze asebenze ngenxa yezinkinga eziphakathi kwale nkampani nomasipala.
UCele uthe ukuthengwa kwamabhasi amasha kuzosiza ekwandiseni umthamo wamabhasi nasekunciphiseni amabhasi asemadala.
Khonamanjalo umasipala usuphinde wabeka eceleni uR273 million ukuze uthenge imishini nezimoto zokulungisa imigwaqo.
Umbiko uveze ukuthi uphiko lwezokulungiswa kwemigwaqo lusalele emumva kakhulu ekuhambiseni izidingo ngenxa yokushoda kwezimoto nemishini yokulungisa imigwaqo.