LISAHAMBA phambili ngokwezibalo okwamanje iphini likamengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba kubhekwe engqungqutheleni eseNasrec, eGoli, ngelizayo.
URamaphosa usathole amavoti angu-1669, imbangi yakhe enkulu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma isathole angu-1309.
Izifundazwe ebesezisele bekuyi KwaZulu Natal neLimpopo. Izolo i-KZN iphakamise uDkt Dlamini Zuma ngamavoti angu-433 kwathi uRamaphosa wathola angu 193.
Khona izolo iLimpopo imemezele ukuthi ifuna ukuholwa nguRamaphosa othole amavoti angu-391, uDkt Dlamini Zuma wathola-104.
Zimi kanje okwamanje izibalo zamavoti avela ezifundazweni ezahlukene, e-Eastern Cape uRamaphosa uthole 423, uDkt Dlamini Zuma wathola 61.
E-Free State uRamaphosa uthole 44, uDlamini Zuma wathola 209.
EGauteng uDkt Dlamini Zuma uthole 64, uRamaphosa wathola 374. EMpumalanga, uDkt Dlamini Zuma uthole 123, uRamaphosa wathola 117.
E-North West, uRamaphosa uthole 45, uDkt Dlamini Zuma wathola 291, eNorthern Cape, uRamaphosa uthole 154, uDkt Dlamini Zuma wathola 11, eWestern Cape uRamaphosa wathola amavoti angu-121, uDkt Dlamini Zuma wathola 13.
IPHINI likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa elisahamba phambili ngamavoti angu 1669 ngokwezibalo okwamanje njengoba kubhekwe engqungqutheleni.
Ezifundazweni eziyisishiyagalombili esezihlalile, uRamaphosa usaphakanyiswe izifundazwe ezinhlanu, uDkt Dlamini Zuma waphakanyiswa ezine. Okuqaphelekayo ukuthi uDkt Dlamini Zuma uphakanyiswe izifundazwe ezinkulu ngokwezinombolo.
Uphiko lwabesifazane nolwentsha luhambisa izithunywa ezingu 60, ngalunye. Phezu kwala maphiko kukhona nezithunywa ezingu 27, ezisuka ebuholini besifundazwe ngasinye.
Esithangamini nabezindaba eLuthuli House eGoli izolo, uNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungiselelo engqungquthela.
UMantashe uthe balindele ukuthi babe nengqungquthela ezohamba kahle.
Uthe bazobhekana nabo osikhwiliphambano nobhoko abazofika engqungqutheleni ngomqondo wokuzonyomfa.
UMantashe umemezele ukuthi sebephinde baselulela uMgqibelo isikhathi semihlangano yamagatsha obekunezimangalo kuwo.
Mayelana namacala asezinkantolo, athinta izifundazwe ezithile, uMantashe uthe noma ikanjani izithunywa ezivela kulezo zifundazwe ezinamacala aqhubekayo zizoya engqungqutheleni.
Uthe zikhona futhi izimangalo ezikhona ezivela emagatsheni, wengeza ngokuthi bayazisebenza. Mayelana nesiphakamiso sokuthi kuphunywe nobuholi okuvunyelwane ngabo, uthe umncintiswano wezikhundla ingxenye yohlelo lwentando yeningi kwi-ANC.