UBUBHA nokweswela ulwazi ngezocansi kubekwe njengenye yezimbangela zokukhulelwa kwezingane ezingu-3 529 ngo-2018/2019 kuleli.
Lezi zibalo zabezempilo ezethulwe yi-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (Unesco) esithangamini nabezindaba eGoli ngeledlule, zithathwe kubhekwa izingane ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-14. Izibalo zisuka phakathi kuka-Ephreli wonyaka odlule noMashi walo nyaka. Lezi zibalo ziveza izingane ezikhulelwe zaze zabeletha ezikhungweni ezehlukene zezempilo.
UNksz Buyiswa Mpini, oyiNational Programme Officer for HIV and Health Education in SA ngaphansi kwe-Unesco, uthe kuningi okunye okwenyusa izibalo.
Ngokocwaningo lwabo kuvela ukuthi ukushada kwezingane zisezincane nakho kunomthelela ekunyukeni kwezibalo zokukhulelwa kwazo.
Uthe ezinye zalezi zingane zithandana nabantu abadala okwenza bazinqabele ukuthi zisebenzise amakhondomu.
“Omunye umbiko uveze ukuthi ngo-2014 zingu-32% izingane ebese zishadile emazweni asezansi ne-Afrika. Kusekhona izindawo ikakhulukazi zasemakhaya lapho kungeyona inkinga ukushadiswa kwezingane. Nakho lokhu kuyazenyusa izibalo zokukhulelwa kwezingane,” kuchaza uNksz Mpini.
Okunye okuvele njengokwandisa lezi zibalo ukuhlukunyezwa kwezingane nokushoda ngezinsiza zezempilo.
Kuvele nokuthi izingane seziqala zineminyaka engu-14 ukuzihlanganisa nezindaba zocansi.
Embikweni we-Unesco kuvele ukuthi ezinganeni eziphakathi kuka-15 no-19 ngonyaka ofanayo kubelethe ezingu-121 095 kwathi ezingu-14 441 zahushula izisu.
Ngokwezibalo zaKwaZulu-Natal kulo mbiko kuvele ukuthi kubelethe izingane ezingu-989 ezineminyaka engu-10 kuya-14 kusukela ngonyaka odlule. Kwezineminyaka ephakathi kuka-15 no-19 kubelethe ezingu-34 482 kwathi ezingu-3 229 zahushula izisu.
Ukuvela kwalezi zibalo kungezinye zezizathu ezenze ukuthi kuhlangane izinhlaka ezehlukene ukulwa nezinga eliphezulu lokukhulelwa kwezingane.
Lokhu kubalwa nesifundo iComprehensive Sexuality Education (CSE) esizofundwa yizingane zamabanga aphansi ngonyaka ozayo.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe iyinkinga indaba yokukhulelwa yingakho bezama zonke izindlela.
Uthe kubaphatha kabi ukugxekwa uma beletha izixazululo kule nkinga.
Unxuse zonke izinhlaka emphakathini ukuthi zizame izindlela zokulwa nalesi sihlava.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, usanda kumemezela esithangamini namakhosi eThekwini ukuthi kuzoqedwa imishado yezingane ezineminyaka engaphansi kuka-18. Uthe ukushadiswa kwazo kwandisa amathuba okukhulelwa kwezingane okubeka nempilo yazo engcupheni.