BADONSWE ngendlebe ukuthi basize bangazikhohlwa izifungo zabo zobuhlengikazi abebethweswe iziqu eRoyal Show Grounds eMgungundlovu, ngoLwesibili.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane obethula inkulumo, uthe lukhulu olulindelwe wumphakathi nomnyango wakhe kubahlengikazi.
Ukwethweswa kwabo iziqu kuthathe izinsuku ezimbili. NgoLwesibili bangu-691 bathweswe iziqu, bangu-611 abathweswe izolo.
UNksz Simelane uthe kubalulekile ukuthi laba bahlengikazi bahloniphe izifungo zobuhlengikazi uma sebeyoqala ukusebenza ezibhedlela nasemitholampilo yesifundazwe.
Uthe umsebenzi wobuhlengikazi uwubizo oluphelezelwa yizibopho nezifungo, okufanele abahlengikazi bazihloniphe futhi bazigcine ngezikhathi zonke.
“Umsebenzi wobuhlengikazi akuwona nje umsebenzi kuphela kodwa uwubizo. Ngaso sonke isikhathi kumele nikhumbule ukuthi ninesibophezelo sokugcina izifungo enizithathe ngesikhathi nithweswa iziqu. Uma senisezikhungweni zethu sifuna nisebenze ngokuzikhandla, ngokuzinikela, nangenhlonipho, nazise iziguli niziphathe ngendlela enifisa ukuba kuphathwe ngayo abazali nezihlobo zenu,” kusho uNksz Simelane.
Ubadonse ngendlebe ukuthi kuzofanele baqaphele indlela yokuziphatha.
“Ningangcolisi igama elihle lesikhungo oyosebenza kusona, ngenxa yokungaziphathi kahle kwakho. Ungangcolisi igama elihle lobuhlengikazi ngenxa yokungaziphathi kahle kwakho. Kukhona abanye abavele babe ngamazambane abolile emkhakheni wobuhlengikazi ezibhedlela nasemitholampilo yethu, bese befuna ukubolisa bonke abanye abenza umsebenzi omuhle. Akungabi wuwena lowo,” kusho uNksz Simelane.
Abahlengikazi bebeqeqeshwa ekolishi labo lesifundazwe. Abanye babo kwakumele bathweswe iziqu ngesikhathi kusadlange iCovid-19.
Ungqongqoshe ubagqugquzele ukuthi baqhubeke nokuzithuthukisa ngemfundo.