‘KUFANELE iliwe yizinhlaka zomthetho, iphinde iliwe nayizinhlaka zomphakathi eyo-sugar daddy abasulela intsha esencane nge-HIV.’
Lokhu kushiwo umsunguli wenhlangano elwela amalungelo ezingane nabesifazane, uThingo Crisis Centre, uNkk Sbo Ngcobo, kulandela ucwaningo oluveza ukuthi lesi sihlava siyabhebhetheka kunokuthi sibe ngcono.
Ucwaningo olusanda kwenziwa nguSolwazi Rubeshan Perumal waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), luveza ukuthi liyabhubha ngesibalo samantombazane asakhula asuleleke ngeHIV esikhathini esingangonyaka esedlule.
Luveze ukuthi emhlabeni wonke bangu-1.3 million abasuleleke ngegciwane ngo-2023. Luqhube lwathi kulesi sibalo, kukhona abangu-150 000 baseNingizimu Afrika.
“Siyathusa isibalo esingu-150 000 esikhathini esingangonyaka. Lokhu kusho ukuthi kuleli, kwesuleleka abangu-410 njalo ngosuku,” kusho uPerumal.
Uthe izibalo zeKwaZulu-Natal ziyakhathaza njengoba kuvela ukuthi isalokhu iqhubeke njalo nokuzihola phambili ngezibalo zabasulelekayo.
“IKwaZulu-Natal isalokhu iqhubeke njalo nokuba yinkinga. Esibalweni sabasulelekayo, kukhombisa ukuthi abasuleleka kakhulu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-24.
UNkk Ngcobo uthe ngasohlangothini lwezomthetho, kufanele zingabaniki thuba ezobulungiswa o-sugar daddy abasulela intsha ngesifo, zibaphose ejele.
“Umuntu omdala olala nengane eneminyaka engu-15 yicala lelo. Uma eseyithelela ngegciwane, elinye lelo. Kufanele amaphoyisa angathandabuzi, ababophe ngoba basuke sebecekele impilo yengane kabili,” kusho uNkk Ngcobo.
Uqhube wathi ngasohlangothini lomphakathi, kufanele isizwe sisukume, sibambisane ekulweni nesihlava.
“Leyo mbijana yamadoda angazibandakanyi nalokhu ayingasongi izandla ingenzi lutho, ayisukule ilwe namadoda alutha izingane ezincane bese ezithelela ngesifo,” usho kanje.
Ubuye wathi nabazali abayidlale indima efanele ekukhuliseni izingane ngendlela nasekutheni benze kahle phambi kwazo ukuze zikhule zazi ukuthi indoda endala isuke ingezile ngezinhloso ezinhle enganeni uma iyitshela ukuthi iyayithanda.
“Uma uwumzali ushintsha abantu besilisa phambi kwengane, uthandana no-Ben 10, udweba isithombe sokuthi lokhu osuke ukwenza kuhle, ngakho nengane yakho ivele ikwenze izitshela ukuthi kuyinto engenankinga,” kwexwayisa uNkk Ngcobo.
Nokho uthe indaba yokungasebenzi kwentsha nobubha, kunomthelela omkhulu ekutheni intsha esencane iluthwe o-sugar daddy abasuke beyithembisa izulu nomhlaba.
UPerumal usanda kuchonywa uphaphe lwegwalagwala emiklomelweni iVice-Chancellor’s Award for Research Excellence e-UKZN ngalolu cwaningo lwakhe olufaka phakathi isifo iTuberculosis (TB) neHIV. Usebenza esibhedlela iNkosi Albert Luthuli Central.