UMENGAMELI omusha we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, izolo umemezele ukuthi kuzomele ibe khona ngokushesha ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha bukaKhongolose KwaZulu-Natal ngenhloso yokwakha ubumbano.
Ekhuluma ngesikhathi evakashele umndeni kamengameli wokuqala we-ANC uDkt Langalibalele Dube, Ohlange, eNanda, uRamaphosa uthe kubalulekile ukuthi iKZN iye engqungqutheleni ukuze kulapheke izilonda ezingapholi ezadalwa yingqungquthela ka-2015.
“Ubuholi bukazwelonke kwi-ANC buye engqungqutheleni buhlukene phakathi kodwa manje sebubumbene, naseKZN sifuna kwenzeke okufanayo,” kusho uRamaphosa.
Uthe KwaZulu-Natal uhlelo lwabo lulodwa ,olokwakha ubumbano kuphela.
“Bayathanda noma abathandi abaholi be-ANC esifundazweni sizobahlanganisa,” kusho uRamaphosa.
Uthe abasunguli benhlangano kabeneme lapho bekhona ngesimo senhlangano KwaZulu-Natal.
“IKZN ibalulekile njengoba ukuphila kwe-ANC kuncike kuyona, uma lesi sifundazwe sihlakazekile lokho kulimaza umbutho ezweni lonke,” kusho uRamaphosa.
IKZN iye engqungqutheleni kazwelonke ihlukene phakathi ngenxa yomdonsiswano obuphakathi kukaMnuz Sihle Zikalala noMnuz Senzo Mchunu.
UZikalala noMchunu bebebanga isikhundla sokuba ngusihlalo we-ANC esifundazweni.
UZikalala waqumba phansi uMchunu engqungqutheleni ebingo-2015, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu inqume ukuthi leyo ngqungquthela ithathwe njengento engekho kuphinde kuhlakazwe ubuholi obakhethwa kuyo. Muva nje, inkantolo iphinde yanquma ukuthi oZikalala kumele baphume ehhovisi njengoba besadlulise icala. Kodwa uNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uyicacisile indaba yokuphuma ehhovisi kwabaholi baseKZN, wathi ngeke baye ndawo kuze kuba kuphuma isinqumo sokudlulisa icala.
Okhulumela i-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe i-ANC ilawulwa yizinqumo ezithathwa yisigungu esiphezulu.
“Ubuholi obuphezulu benhlangano busazohlangana bunqume ngalolu daba, i-ANC eKZN izohlonipha noma yisiphi isinqumo,” kusho uNtuli.