IYAQHUBEKA nokumba eqolo igilosa njengoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ushukela, usawoti, amazambane nokunye ukudla kunyuke ngemali engaphezu kuka-5%.
Ucwaningo olwenziwe yiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group. Luveza ukuthi igilosa yomndeni omkhulu onamalungu ayisithupha kuya phezulu, isibiza uR5 081,94 isuka kuR5 056.45 ebibiza wona ngoJuni.
Okunye ukudla okunyuke ngaphezu kuka-5% kubalwa amaqanda, isibindi senkomo, ufishi, ugreen pepper, ubisi oluyimpuphu, ama-aphula nopholoni.
Kubuye kwanyuka impuphu ngo-2%, ufulawa, ubhontshisi, isobho, itiye, ubisi oluwuketshezi, amasi, izingingila, izibindi zenkukhu ne-peanut butter.
UMnuz Mervyn Abrahams obhekele ukusebenza kwePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe ucwaningo lwabo balwenza kwabesifazane abathenga igilosa, abaveze ukuthi bathwele kanzima njengoba ukudla sekubiza ukudlula amaholo.
Ukhale ngokuthi umsebenzi ohola kancane uthola uR4 270,56 ngenyanga ekubeni umsebenzi oyedwa wondla umndeni onamalungu amane kuya phezulu.
Ubalule ukuthi ukunyuka kokudla kufike ngesikhathi esibi njengoba kunyuka nezindleko zikagesi, ezamanzi, imali yokugibela kanjalo nezinye izidingo zempilo.
“Abantu basala nemali encane yokwenza ezinye izidingo njengoba bethenga ukudla, bekhokhela ugesi futhi kufanele bagibele uma beya emsebenzini.
Umsebenzi owondla umndeni onamalungu amane, uthe kusala uR1 851,64 emholweni wakhe uma esekhiphe imali yokugibela nekagesi. Okusho ukuthi le mali isuke isisalele ukuthi athenge ukudla. Kuyacaca ukuthi akakwazi ukuthenga ukudla okunomsoco komndeni wakhe,” kuchaza u-Abrahams.
Uveze ukuthi eMgungundlovu lapho ugesi unyuke ngo-15.1% abantu sebethengenga ugesi owu-350kWh ngoR906.62 usuka kuR787.92.
Uthe lokhu kubi ngoba abantu badinga ukupheka, ukuzifudumeza njengoba kusebusika.
Ubuye wacela uhulumeni ukuthi anyuse isibonelelo sezingane ngoba ukudla okunomsoco kwengane eyodwa kubiza uR899.54.