UMMELI uNksz Kaylen Moodley wenkampani yabameli iMooney Ford Attorneys udonse ngendlebe abaqashi ukuthi babe nobufakazi obuphathekayo ngaphambi kokuxosha abasebenzi.
Usho lokhu emuva kokuthi iNkantolo okuDluliswa kuyo amacala iyalele isitolo iWoolworths ukuba sibuyisele emsebenzini umsebenzi owayexoshwe ngoba esolwa ngokuthenga incwadi yokugula kudokotela.
Ngokombiko wePretoria News, lo msebenzi wathumela incwadi kadokotela ngesikhathi ayelovile emsebenzini. Abaphathi bakhe eWoolworths basola ukuthi uyithengile emuva kokuthola ukuthi yayisayinwe ngumuntu ababesola ukuthi uyinesi.
Lo msebenzi wachaza ukuthi udokotela unezindawo ezimbili zokusebenza yingakho enye incwadi isayinwe wumuntu ohlukile kodwa abaqashi abazange balalele.
Kuthiwa bathumela ithimba lapho kusebenzela khona lo dokotela elathola ukuthi abantu babeshesha ukuphuma sebephethe izincwadi zokugula.
Wabe esexoshwa emuva kokuthi ithimba lithumele umbiko wokuthi lo dokotela ukokotela izincwadi.
Ijaji leNkantolo okuDluliswa kuyo amacala lithe iWoolworths kufanele ibuyisele lo msebenzi eyamxosha ngo-2018 emsebenzini.
Lathi abukho ubufakazi bokuthi udokotela udayisa izincwadi ngaphandle kwenzwabethi eyatholwa yilesi sitolo.
UNksz Moodley ubhale kwi-website yeMooney Ford Attorneys emuva kwalesi sinqumo wathi abaqashi kufanele babe nobufakazi obuphathekayo, hhayi inzwabethi ngaphambi kokushushisa nokuxosha abasebenzi.
Uthe uma umqashi esola ukuthi umsebenzi uthumele incwadi yokugula ewumkokotelo kufanele aqoqe ubufakazi kudokotela othintekayo, ambuze ukuthi isiguli sifikile yini kuye?
Uthe leli cala lingubufakazi bokuthi ukukhuluma iqiniso kuyakhulula ngoba umsebenzi othintekayo wayemazisa njalo umqashi uma egula futhi eze nencwadi kadokotela.
Uphethe ngokuthi wumqashi okufanele abe nobufakazi obuphathekayo bokuthi umuntu akaguli ngempela futhi uma esola udokotela ngokudayisa izincwadi nalapho abe nobufakazi obuphathekayo, hhayi inzwabethi.