UHLALELE ovalweni umndeni wowesilisa obewummangali ecaleni losolwa ngokuba yinkabi osaboshiwe, okuthiwa uhlaselwe wadutshulwa emva kokuthola ucingo obelumsongela.
UMnuz Simanga ‘Katsande’ Khumalo (29) waseMlaza kuthiwa bese ehamba ngesihlalo sabakhubazekile emva kokudutshulwa umsolwa owaziwayo endaweni ngo-2021 okuvele ukuthi uboshelwe namanye amacala. UKhumalo udutshulwe ngenyanga edlule ehlaselwa kubo eMlaza esigamekweni okuboshwe kuso abasolwa ababili. Umndeni ukholwa ukuthi bebethunywe umsolwa engaphakathi ejele, obefuna umufi asule icala lokuzama ukubulala okuthiwa wayemvulele lona.
Ilungu lomndeni kaKhumalo elicele ukungadalulwa lilandisa Isolezwe, lithe selokhu kwenzeke lesi sigameko sebethuka izanya kwazise kunamahlebezi okuthi umsolwa owayethume abahlaseli.
“Ubewumuntu ophumelelayo. Ngo-2021, ngesikhathi ebuya emsebenzini ukhale ngokubanjwa inkunzi ngabathile, abaqale ngokumshaya ngenduku yegalofu ngaphambi kokuthi bamphuce ifoni nezinye izinto zomsebenzi. Omunye wabo wayemazi ngoba owakhona endaweni, sanikela kubo ngenhloso yokuthi kuxoxwe nonina ukuthi okungenani abuyise i-simcard ngoba yayinezinamba ezibalulekile zasemsebenzini njengoba ngaleso sikhathi (umufi) wayeyimenenja eHusser Grill,” echaza.
Uthe ngesikhathi befika kubo kamsolwa eMlaza kwa-B, batshelwa ababekhona ukuthi akathintwa ngakho abahambe angaze ebafice, okuthe bengakaligwinyi waqhamuka wadubula ebhekise kuKhumalo. Uthe uKhumalo waphuthunyiswa esibhedlela i-Prince Mshiyeni Memorial, kwaba wusuku agcine ngalo ukuzihambela ngezinyawo.
Uthe emva kokuvulwa kwecala lokuzama ukubulala, umsolwa ubengaboshwa okuthe ngokuhamba kwesikhathi waboshelwa namanye amacala, akholwa ukuthi kwavuka naleli lokuzama ukubulala.
“Ngelinye ilanga ngangena endlini umufi ekhala, wathi ufonelwe othile angamazi wamtshela ukuthi akasule icala emsabisa ngokuthi uzomenzakalisa. Amaphoyisa abefuna ukuthi azobhala kabusha isitatimende, kodwa bese engasazimisele ngokuqhubeka naleli cala futhi nathi siwumndeni simeseka kulokho. Ngizamile ukuyolesula kodwa amaphoyisa anqaba athi lizosulwa owalivulayo, ngachaza ukuthi akakwazi ukuhamba njengoba ekhubazekile, kwavunyelwana ngokuthi umseshi uzofika ekhaya azomsayinisa amaphepha okulesula, kodwa lutho ukufika kwaze kwabe uyahlaselwa uyadutshulwa emva kokusongelwa ngokubulawa,” kusho yena.
Uthe bezwe kuthiwa omunye wababoshiwe uvumile ukuthi wayethunywe umsolwa okwenza umndeni uhlalele ovalweni ngoba awazi ukuthi yikuphi okuzolandela njengoba kucaca ukuthi ukwazi ukuthumela izinkabi zimsebenzele engaphakathi ejele. Usole amaphoyisa ngokuhudula izinyawo uma umufi efuna ukusula icala ngoba ebona engaphephile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uqinisekise ukuboshwa kwabasolwa ababili abasolwa ngokubulala uKhumalo abebevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngesonto eledlule kanti bazophinde bavele kusasa.