UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa uqede ukuqagela ngesihlalo sobukhosi bukaZulu, wavuma iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, njengeNkosi yaMaZulu.
Lesi nqumo sisho ukuthi iSilo sesingagcotshwa noma yinini, siphinde siqede umdonsiswano wesihlalo sobukhosi bukaZulu oqubuke emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Esitatimendeni, ihhovisi likamengameli lithe uRamaphosa uthathe isinqumo sokuvuma iSilo emva kwezingxoxo noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, kanye nondunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala.
"Ngokulandela umthetho olawula ubuholi bomdabu, iNdlunkulu yaqoka uMntwana uMisuzulu Sinqobile Zulu ukuba kube nguye ofanelwe wukungena esihlalweni sobukhosi, ngokosiko. Babe sebefaka isicelo ehhovisi likamengameli lokuba amukelwe njengeSilo."
URamaphosa ufisele iSilo inhlanhla njengoba sesizongena esihlalweni sobukhosi.
"Ukungena esihlalweni sobukhosi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kuwumzuzu obalulekile kakhulu emlandweni onothile wesizwe saMaZulu.
"ISilo siza emva kwamakhosi akwaZulu ahlonishwayo, nalwela ngokuzimisela ukuphephisa izimpilo kanye nenhlalakahle yabantu. Ngifisela iSilo ukubusa okuyimpumelelo."
Okhulumela ihhovisi leSilo uMntwana uThulani Zulu ethintwa ngalezi zindaba, uthe bazolinda uNdunankulu kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ukuthi yenze isimemezelo ngalolu daba, ngaphambi kokuthi baphawule.
Ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo kubanjezelwe wumbango wesihlalo sobukhosi.
Ithimba ebelijutshwe ukuba lixazulule lo mbango lithole ukuthi kunezinhlangothi ezine ebezibanga isihlalo sobukhosi.
Kukhona abebeseka ukuqokwa kweSilo uMisuzulu, kanti kukhona abaphakamisa igama likaMntwana uSimakade Zulu.
Abanye baphakamisa igama likaMntwana uBuzabazi Zulu kanti kukhona nabebefuna ukuba kube nebamba bukhosi.
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu uze wangena nasezinkantolo.
AbaNtwana basesigodlweni kwaKhethomthandayo, uNtombizosuthu Zulu-Duma noNtandoyenkosi Zulu, bafaka icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho babefuna ukuba kumiswe ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo njengoba besola ukuthi kwakokotelwa ukusayina kukaMdlokombane encwadini yefa eyaqoka iNdlovukazi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu, njengebamba bukhosi.
INdlovukazi yona encwadini yayo yefa yaphakamisa iSilo uMisuzulu.
Ekuqaleni kwale nyanga inkantolo yasichitha lesi celo.
IJaji uMjabuliseni Isaac Madondo lathola ukuthi kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.