BANETHEMBA abantu baseNdwedwe ngokuxazululwa kwenkinga yezindlu ezakhahlanyezwa yizikhukhula. Abantu bakule ndawo, e-ward 9 bebethulelwa izinhlelo zentuthuko edidiyelwe ezinkundleni zemidlalo KwaNondabula izolo.
Ilungu lomphakathi waKwaNondabulo, eNdwedwe, uMnuz Sizwe Ngidi, lithe lijabule ngoba imeya ithembise ukuyixazulula indaba yezindlu zabantu abakhahlanyezwa yizikhukhula.
"Bese kunesikhathi eside abantu behlala ezindlini zesikhashana kodwa ithemba libuyile namhlanje njengoba imeya ikuqinisekisile ukuthi sizokwakhelwa izindlu.
"Ezinye izinto ezingijabulisile wukuthi umasipala uzosilungisela umgwaqo obususihluphe isikhathi eside."
Elinye Ilungu lomphakathi wale ndawo, uNkk Nondumiso Zondi, lithe intsha yendawo icwile ezidakamizweni okwenza izinga lobugebengu lenyuke. Uthe kuyamujabulisa ukuthi umasipala unezinhlelo azibekile ezibhekela intsha.
"Eminye imizi lapha eNdwedwe kayinawo ugesi futhi siyacela emkhandlwini ukuthi uqashe abantu abadabuka kule ndawo,” kusho uNkk Zondi.
IMeya kaMasipala waseNdwedwe, uMnuz Samuel Mfeka, yethule isabelomali sikaR12 million, sokulungisa ingqalasizinda yezindlu nemigwaqo.
Ithe lo masipala, onamawadi angu-19, ubekelwe uR78 million wokunikezela ngezidingo zomphakathi nonyaka.
Eqhuba, uMfeka uthe umkhandlu unesabelo semali engangoR9 million wokulungisa imigwaqo, imitholampilo nokuthuthukisa intsha yaseNdwedwe.
Imeya ithe izindlu ezizokwakhelwa abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula zingaphezu kuka-80.