“BANGALALA bevale iso elilodwa abacebile uma igebe phakathi kwabampofu nabacebile lingavalwa.” Lesi yisexwayiso esikhiswe yiPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha, uMnuz Fish Mahlalela.
Izolo, uMahlalela evula isithangami sokucobelelana ngolwazi namathuba embonini yezokuvakasha, kwi-Africa’s Travel Indaba, uthe likhulu kakhulu igebe phakathi kwabampofu nabacebile eNingizimu Afrika.
“Kufanele singalizibi igebe eliphakathi kwabampofu nabacebile ngoba lilokhu likhula. Imboni yezokuvakasha ngenye yezindlela esingalivala ngayo leli gebe ngoba lo mkhakha unamathuba amaningi. Ukwazi ukuletha imali emakhaya, ukwazi ukuvulela abesifazane nabantu abasha amathuba omnotho. Uma singalivali igebe lokungalingani phakathi kwabaswele nabacebile, abacebile ngeke balale ngoba bazogqekezelwa abampofu, abazobe bezofuna ukudla,” kusho uMahlalela.
Uthe bewuhulumeni badinga ukusebenzisana nezinhlaka ezihlukene emphakathini ukuze kuvulelwe abampofu amathuba emkhakheni wezokuvakasha.
Ugxeke abavalela abanye ngaphandle, wathi umkhakha wezokuvakasha kuleli akusiwona owabebala elithile kuphela kodwa ngowabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Inkakha yomlingisi wakuleli, uJerry Mofokeng wa Makhetha, igqugquzele abantu ukuthi babe yibona, bangasilahli isintu ngoba izivakashi zifuna ukubona lokho.
UJerry nguye obe yisikhulumi sokuqala embukisweni wezokuvakasha, i-Africa’s Travel Indaba, eqhubeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Uthe izivakashi zifuna ukuzwa izindaba zabantu bakuleli, zifuna ukuzwa imfudumalo yabo nobuntu.
Lo mlingisi uqale ngokuxoxa inganekwane wabe esethula inkondlo ebincoma ubuhle beNingizimu Afrika, amaqhawe ase-Afrika nazo zonke izigameko esezehlele leli zwekazi.
Izolo, bekunezithangami zokucobelelana ngolwazi ezihlukene lapho osomabhizinisi abancane beveze ukuthi badinga ukufakwa ezinhlelweni zokuthuthukisa umnotho.
UJerry Pooe ongumsunguli we-Wushwini Pan African Art Centre, eKwaNgcolosi, uthe bafuna ukuhlomula bewosomabhizinisi abancane emicimbini emikhulu eyenzeka enkabeni yeTheku.
Uveze ukuthi yibona abasondele kakhulu kubantu futhi abakwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi.
Amazwi akhe ananelwe nguNkk Dumile Cele, othe amabhizinisi amancane yiwona akwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi ngakho kufanele asekwe.
UMnuz Thato Mothopeng onguMqondisi weSouth African Township and Village Tourism (SATO VITO), uthe izivakashi azisagcini ngokuhambela emadolobheni noma eziqiwini kodwa sezifuna ukuya ebantwini.
“Izivakashi sezifuna ukuyobona abantu ukuthi baphila kanjani. Zifuna ukuyohlala emakhaya abantu, azisathandi kakhulu ukuhlala emahhotela noma eziqiwini zifuna ukuxoxa nabantu,” kusho uMothopeng.
UJerry uthe kuyiqiniso lokhu ngoba izivakashi ezivela eRussia, ziye zicele ukuyobonana nemindeni yaKwaNgcolosi, zicele nokuyobona izangoma.
“Ezokuvakasha ziyakwazi ukushintsha impilo yabantu ngoba zifuna ukubahambela lapho behlala khona. Sinemindeni esisebenzisana nayo, ekwaziyo ukuphatha kahle izivakashi nokuxoxa nazo. Okuhle wukuthi izivakashi zifuna ngisho ukudla nabo abantu emizini yabo, zibone ukuthi baphila kanjani nsukuzonke,” kusho uJerry.