UMNDENI wowesifazane waseMlaza obesebenzela inkampani yemikhumbi, isidumbu sakhe esesiduve inyanga phesheya, usunethemba lokuthi uzokwazi ukumngcwaba.
Umndeni kaNksz Buhle Bhengu (29), obesebenza kwaMSC Cruises, usubeke ithemba kuhulumeni osungenelele ekutheni kubuyiswe isidumbu sakhe. Izolo umndeni uvakashelwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala obezokwethula izinhlelo ngokungenelela kukahulumeni. Ubehambisana noMnuz Ross Volk onguMqondisi wakwaMSC neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede.
UZikalala uthe baqale ukubikelwa ngodaba lukamufi ngeSonto, baphuthuma nemizamo yokungenelela. Uthe udaba selufike ngisho kuMengameli Cyril Ramaphosa, benza yonke imizamo yokubuyisa isidumbu sikamufi. Ngokwemibiko kuvele ukuthi kuhlelwa ukuthi isidumbu sakhe silothiswe namuhla eBahamas kanti umndeni awuhambisani nalezo zinhlelo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi kumanje uKhomishana wethu omkhulu kwezokuxhumana kwamazwe useJamaica ukuxazulula lolu daba. Yize singeke sikhiphe yonke imininingwane ngezinhlelo zikahulumeni kodwa sikuvimbile ukuthi isidumbu silothiswe ngoba sifuna umndeni uzozingcwabela ekhaya,” echaza.
Uvumile ukuthi kunzima nokho ukuxazulula lolu daba ngenxa yemithetho yamazwe kodwa bayazama bebambisene nabakwaMSC.
UVolk owenqabile ukukhuluma nabezindaba, udlulise amazwi enduduzo emndenini wancoma nokuthi umufi bebesebenza kahle naye. Ucele ukuthi abhunge ngasese nabomndeni ukubachazela ngezinhlelo nokungenelela kwabo kulolu daba.
KUZANYWA yonke imizamo yokubuyisa isidumbu sikaNksz Buhle Bhengu oshonele eBahamas esebenza kwaMSC Cruises njengoba izolo umndeni uvakashelwe uMnuz Ross Volk wakwaMSC, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo eKZN uMnuz Sihle Zikalala neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede
Imeya income uhulumeni wesifundazwe ngokungenelela kulolu daba. Ithe bayathemba ukuthi konke kuzokwenzeka njengesifiso somndeni.
Udadewabo kamufi, uNksz Mbali Bhengu, uthe bekuwunyaka wesibili esebenza kwaMSC. Uthe bamgcina ekhaya ngoJulayi odlule kanti bekulindeleke abuye kule nyanga.
“Siyathemba ukuthi sekuzolunga njengoba sekungenelele uhulumeni. Kumanje kunamalungu omndeni aphesheya ukuzama ukuyolungisa lolu daba. Bese sizizamele sahluleka ukuthi kubuyiswe isidumbu yingakho size sacela kungenelele nohulumeni,” kusho yena.
Uma uqhamuka kulo muzi osezigcemeni sakwa-H eMlaza ukhangwa yitende elimhlophe nezihlalo. Ngaphakathi kundlalwe phansi njengoba kwenziwa uma kulindelwe. Umufi kuthiwa washonela eBahamas ngoFebhuwari 12 emuva kokugula.