BANETHEMBA lokuthi abaqashi sebezoyeka ukubaxhaphaza abasebenza emafemini endwangu eNewcastle njengoba kusungulwe inyunyana ezobalwela.
Abasebenzi abasebenza emafemini endwangu eNewcastle, bathi bese bephelile wukuholelwa uR300 ngesonto, kuthiwe kushoda umsebenzi kanti abaqashi basebenzisa abokufika ebusuku.
UNksz Tholi Zondo, ongomunye wabasebenzi abajoyine inyunyana esanda kusungulwa nguDkt Phumlani uMngcwabo uyahlehla Dlamini, ebizwa ngokuthi Umngcwabo Uyahlehla Royal Workers Union (UURWU), uthe sekunesikhathi befisa ukuthi babe nenyunyana ezobalwela kodwa bengayitholi.
"Besiba nabo abantu abafike basithembise ukuthi bazoyivula kodwa kungalungi. UDlamini ucelwe yithina basebenzi ukuthi asisize ngoba uke wasiza omunye umuntu owayesithembise ukuthi uzovula inyunyana ngezinsiza ezifana nezimoto. Kuthe sisabheke ukuthi asisize wajika wangena kwipolitiki, sasala dengwane. Yingakho sibuyele kuye sacela ukuthi kube nguye oyivulayo ngoba uyalwazi usizi lwethu," kusho uNksz Zondo.
Uthe abaqashi basembonini yendwangu kule ndawo baqasha abantu bangaphandle abasebenza ebusuku, kuthi uma abasebenzi befika ekuseni kuthiwe kawukho umsebenzi uphelile, mabagoduke.
"Kuthiwa asigoduke nje sigibele ngemali seza emsebenzini futhi ngeke sikhokhelwe ngalolu suku okuthiwa asigoduke ngalo. Uma sekufika abasehhovisi labasebenzi kuthiwe asithi konke kuhamba kahle. Nathi ngokwesaba ukuthi sizoxoshwa, senze njalo. Besiyidinga inyunyana ezosixazululela lezi zinkinga ngomthetho. Asifuni ukumasha, sifuna kulunge izinkinga, sisebenzisane kahle nabaqashi," kusho uNksz Zondo.
UMnuz Terrence Mokoena naye ojoyine inyunyana entsha, uthe ube nethemba uma ezwa ngayo ngoba ziningi izinkinga ezibhekene nabo bengabasebenzi.
"Kule ndawo asikaze sibe nenyunyana. Abaqashi bazenzela umathanda kubasebenzi basemapulazini, abasemakhishini, abasezitolo, onogada nabanye. Ukusungulwa kwenyunyana ethi izolwela bonke laba basebenzi abebenganakiwe, kwenze ukuthi nami ngingene. Okwamanje ngisajabule ngoba nabaqashi bayayemukela," kusho uMokoena.
UDlamini uthe uvule inyunyana ngoba ufisa ukuthi kungabi khona iziteleka ezingenasidingo, okugcina kulahlekisela abasebenzi ngomsebenzi.
"Ngesikhathi seCovid-19 bekunezinkinga, abasebenzi bengaholelwa ngesikhathi, abanye bengayitholi imali ebikhishwa wuMnyango wezabaSebenzi, bagcine begcwala emahhovisi kusuke umsindo obungagwemeka. Siyinyunyana sizobhekana nalezo zinto, siphinde sikuvikele ukuxhashazwa kwabasebenzi," kusho uDlamini.