KUBUYISE ithemba ukuphuma ngobuningi kwabantu besilisa beyohlolwa umdlavuza wamankwahla eMlazi Com-Tech, eMlaza, ngoMgqibelo.
Lokhu kushiwo uSihlalo wePatients Affairs kwaZulu-Natal, uMnuz Dumisa Pakkies, othe kubahlabe umxhwele ukuqhamuka kwabesilisa ezindaweni ezehlukene.
UPakkies wasinda emva kokutholakala kwalo mdlavuza ngo-2020.
Uthe ngokubambisana nenhlangano engenzi nzuzo, iProstate Cancer Foundation, bebelethe odokotela abaseqophelweni eliphezulu bezohlola abesilisa baphinde baxoxisane nabo ngokubaluleka kokunakekela isimo sabo sezempilo.
“Indoda kufanele ihlolwe. Siyabagqugquzela ukuthi bahlolwe unyaka nonyaka ngoba ngesikhathi umuntu eqala ebona izimpawu, umdlavuza usuke usuhambe ibanga elide, esemancane amathuba okuthi welapheke,” kusho uPakkies.
Uthe ngokujwayelekile uma umuntu ezijwayeza ukuhlolwa unyaka nonyaka, uma enawo ubanjwa usasesigabeni sokuqala nesesibili bese kuba lula ukuthi welashwe.
Uthe bagqugquzela ukuthi bonke abesilisa abaneminyaka engu-40 kuya phezulu, bazibandakanye nalokhu, wathi kulabo abanemindeni enomlando wawo, kufanele baqale ukuwuhlola okungenani uma beba neminyaka engu-35.
UMnuz Dumisa Ngidi (59) waseMlaza ongomunye wabahloliwe, uthe ngokujwayelekile abantu besilisa abazwani nokunakekela impilo yabo.
“Imvamisa singamadoda asikhulumi. Sibhekana nezimo sodwa, singatsheli muntu. Imikhankaso efana nale iyasiza ngoba iyasifundisa ukuthi sivuleleke ukuze sithole ukwesekwa okwenele,” kusho Ngidi.
UMnuz Sithembiso Cele (64) waseLamontville, uthe iningi labesilisa lesaba ukuthi uma umuntu esetholwe nomdlavuza kusuke sekuphelile ngaye.
“Sidinga imikhankaso efana nale ukuze sifunde okuningi, akuyiwe emphakathini, kukhulunywe ngomdlavuza emisakazweni nakumathelevishini, kugqugquzelwe ukuthi sihlole,” kusho uCele.