INGENE nabafundi emzini womuntu itekisi kamalume okuthiwa liphelelwe ngamabhuleki eLindelani, eThekwini ngoLwesine.
Isigameko senzeke ngabo-6 ekuseni. Itekisi kuthiwa beyinomshayeli oemmdala, nabafundi abathathu, bonke abalimalile baphuthunyiswa emtholampilo wendawo.
Bekunelungu lomndeni elilodwa endlini kwenzeka isigameko, nalo eliphuthunyiswe emtholampilo kodwa ladedelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Kuthiwa umshayeli wetekisi ebikade yehla ngomgwaqo uhlulekile ukuyilawula ngesikhathi seyiphelelwe ngamabhuleki.
Kubikwa ukuthi itekisi ibihamba ivika izimoto, kanti izohlangana nezimbili ebezimi nhlangothi zombili zomgwaqwo, wathi uphuma ecele kwabhimba izinto.
Kuvela ukuthi itekisi iphume emgwaqweni yandiza yayongena ngodonga emzini osekhoneni, esiweni eduzane kwezimpambano zomgwaqo.
UMnuz Vusi Dlamini obesendlini elele kwenzeka ingozi, ubonge uNkulunkulu ukuthi usadla anhlamvana.
Ulandise wathi uvuswe wumsindo wesililo, kwathi uma evusa ikhanda wabona itekisi odongeni lwendlu ilengela phezu kombhede abelele kuwona.
“Ngivuke ngezwa izinhlungu ngoba ngishaywe yizitini kuwa uhlangothi lwendlu oluklayeke lonke. Iwe phansi yonke isilingi bhodi yendlu, uphethroli uconsela kimina, nginovalo lokuthi ngiyafa manje. Nginwantele ngezimpahla endlini ngaphumela kwelinye igumbi eliyikhishi, kwayima ngiphumela ngaphandle,” kusho uDlamini.
Isolezwe lifike kulo muzi kuphithiza omakhelwane, besiza kuqoqwa okusalile. Bekukhona nabesilisa okuthiwa bangabanikazi bezimoto ezithutha umphakathi belekelela. Kufike nowesilisa ongumakhi okuthiwa ubezoqala umsebenzi wokulungisa umuzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa asesiteshini saseNtuzuma aphenya icala lokushayela budedengu.