YESULILE esikhundleni iMeya kaMasipala uMhlathuze eRichards Bay, uDkt Nkonzoyakhe Donda obesanda kufungiswa emuva kokhetho lohulumeni basekhaya. UDkt Donda ubeyimeya ebijutshwe yi-IFP okuyiyona eqhoqhobele umasipala eyakhipha i-ANC. I-IFP ithathe umkhandlu ibambisene ne-EFF ehlomule ngesikhundla sephini lemeya waphuma kanjalo uKhongolose emandleni.
Okhulumela uMasipala uMhlathuze, uMnuz Mdu Ncalane, uqinisekisile ukwesula kwemeya wathi ithumele incwadi ehhovisi lemenenja kamasipala. UNcalane uthe uDkt Donda nakuba esulile kwesobumeya kodwa uzoqhubeka abe yikhansela elejwayelekile kumasipala. UNcalane akasidalulanga isizathu sokwesula kwemeya.
Uthe imeya izogcina emsebenzini ngoLwesihlanu uma sekuhlala umhlangano womkhandlu nokuyilapho okuningi okuzocaca khona.
UNcalane uthe bambonga kakhulu uDkt Donda ngobuhlakani abukhombisile ngesikhathi esesikhundleni. Akucaci ukuthi i-IFP izojuba bani avale isikhundla sikaDonda kodwa kuzobonakala kusasa uma sekuhlala umhlangano okhethekile womkhandlu wonke.