UKUHLASELA kwezikhukhula KwaZulu-Natal kuholele ekutheni inhlangano esiza umphakathi ngokuwuxhumanisa nezinhlaka eziwusizo nokuwuthuthukisa, ifingqe imikhono iqoqe izinto ezingaba wusizo kwabalahlekelwe ngamakhaya njengoba kuhlasele izikhukhula kulesi sifundazwe.
Inhlangano, Amaqhawe Children Youth, Men and Women Empowerment (ACYMWE) ngokubambisana namabandla neSolezwe, inomkhankaso wokuqoqa izimpahla kubantu basemphakathini abanentshisekelo yokwelula isandla ukuze kusizakale abantu abasale dengwane ngesikhathi kuhlasela izikhukhula kulesi sifundazwe.
UNkk Phindile Mkhize-Shozi, ongomunye wabasunguli bale nhlangano, uthe inhlangano yabo isondeza usizo oluthuthukisa umphakathi kodwa ibingeke isonge izandla uma kuqhamuka inhlekelele enjengale, edinga ukuthi abantu babambisane.
"Abantu abaningi badilikelwe yizindlu, balahlekelwa yikho konke abanakho emakhaya, okungaba yizingubo, izitsha, izinto zokugeza, insipho, ukudla nokunye. Siyinhlangano sithathe isinqumo sokuthi selule isandla sinikelele imindeni elahlekelwe, eminye yayo ekhoseliswe emahholo nasezikhungweni ezithile. Sibone ukuthi abantu abadinga usizo baningi kakhulu. Ngeke sikwazi ukuthi sibasize ngokuphuma ezandleni zethu kuphela, sabona ukuthi kungcono sicele umphakathi ukuthi welule isandla. Kulolu hlelo sisebenzisana namabandla kodwa esisenesivumelwano nalo yibandla laseWeseli kwiSekethe iClerepine neSolezwe. Abanye babantu abalahlekelwe bakhosele emasontweni, yingakho sibone ukuthi kuzoba lula uma sibambisana nawo. Ngaphezu kwalokho sikholwa wukuthi laba badinga nokudla komphefumulo njengoba behlelwe yisimo esinjengalesi," kusho uNkk Mkhize-Shozi.
UMhleli oMkhulu weSolezwe, uNksz Kiki Ntuli uthe leli phephandaba kaligcini nje ngokubika izimo umphakathi obhekene nazo kodwa liyangenela nxa kukhona ithuba lokusiza.
“Sibike kakhulu ngosizi olubhekene nabantu KwaZulu-Natal, ikakhulukazi eThekwini. Sibonile ukuthi akwenele lokhu, nathi kumele sibe yingxenye yezinhlaka eziletha usizo emphakathini. Kulesi sikhathi lapho Isolezwe ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa, sibuswa kakhulu yindikimba yokwenza ngcono impilo yabantu.
“Yingakho siyingxenye yalo mkhankaso, ongafuni mali kubantu kepha sidinga kuphela lezo zinto ezizosiza abagilwe yizikhukhula. Ibandla lamaWeseli liyaziwa kuleli ngokusiza nokukhoselisa umphakathi ezifundazweni ezehlukene kodwa sinxusa namanye amabandla ukuba abe yingxenye yalolu hlelo ukuze sibambisane ngokusiza umphakathi,” kusho uNksz Ntuli.
Abafisa ukuphonsa esivivaneni bangahambisa izinto abafisa ukunikela ngazo eMethodist eku-Aliwal Street noma emahhovisi eSolezwe kunombolo 18 Osborne Street eGreyville.