SIQINA idolo ngokwesekwa yisizwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, okumanje ubukhosi baso buphonselwa inselelo ngamanye amalungu asendlunkulu.
Isilo sithi sijabuliswa wukuthi isizwe siyaqhubeka nokuma naso yize umbango wesihlalo sobukhosi udla lubi. Lokhu sikusho izolo emhlanganweni wazo zonke izindlu zasendlunkulu, obubizelwe ukuzoxazulula umbango wesihlalo.
Phakathi kwabaphikisana nokuqokwa kweSilo, okubalwa abaNtwana uMbonisi Zulu noThembi Zulu-Ndlovu, abazange balubhade izolo kulo mhlangano obusezindlini zesiShayamthetho saKwaZulu-Natal esidala oLundi izolo.
"Isizwe siyalazi iqiniso. Phezu kwawo wonke amathizethize enzekayo, isizwe asikaze sisilahle. Lokhu kwenziwa wukuthi isizwe siyalazi iqiniso futhi isizwe siyolifela iqiniso."
Isilo sisebenzise umhlangano wayizolo ukucacisa ukuthi sihleli esihlalweni. "Lo mhlangano akusiwo owokukhetha inkosi. Inkosi ikhona."
Isilo sithe kuyinto ejwayelekile ukuthi kube nemibango yesihlalo sobukhosi. "Lokhu okwenzekayo akuqali ngathi, kwakunje nasemakhosini adlulile."
Udaba lombango wesihlalo seludluliselwe kumengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, kulandela ukwehluleka kukahulumeni waKwaZulu-Natal ukuxazulula. Kukhona abaphakamisa igama likaMntwana uSimakade Zulu, ukuba kube nguye othatha isihlangu seNgonyama esanda kubuza, uZwelithini kaBhekuzulu.
Isilo sinxuse abebehambele umhlangano wayizolo ukuba bangababambeli igqubu abaphikisa ukuqokwa kwaso. Isilo sizwakalise ukuphelelwa yisineke ngokungasombuleki kombango.
"Ngiyethemba ngokokugcina sibamba umhlangano walolu hlobo. Isihlalo akusiso esoMntwana uThembi noma esoMntwana uSimakade."
Owayengundunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, uzohola ithimba elijutshwe ukuba lixazulule umbango wesihlalo sobukhosi.
Lokhu kuvezwe ngundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi. Uthe ithimba lijutshwe emva kokuba iSilo sibhalele uRamaphosa, sizwakalisa ukungenami ngendlela uhulumeni waKwaZulu-Natal, osingethe ngayo lolu daba. UButhelezi uthe obekukhathaza kakhulu iSilo wukuthi uhulumeni wesifundazwe ububamba imihlangano namanye amalungu asendlunkulu, ngaphandle kokuthi azise uButhelezi njengondunankulu wesizwe.
"Isilo sakubalula ukuba asijabule ngokuchilizwa kwami ngendololwane. URamaphosa wabe eseveza ukuthi umthetho udinga yena ukuba angenelele."