BEKUNESIZOTHA kutshalwa inkosi yaseThembezinhle KwaShembe uVela ‘Imisebeyelanga’ Shembe (55) izolo emzini wayo eMthwalume.
Izikhulumi ezehlukene bezimchaza njengomuntu obemnene, ezithobile kodwa ehlakaniphile.
Uma uza emzini wenkosi okukhona nethempeli, ubukhangwa izimoto ebezipake eceleni komgwaqo, amaphoyisa nawo eqaphe isimo.
Abezimo eziphuthumayo bebehla benyuka njengoba nelanga belishisa kuheleza nomoya.
Ethempelini bekunobhazabhaza bamatende abalelwa kwamahlanu, amakholwa nabebephelezele umholi bebehleli ematendeni.
Bekume namathoyilethi angomahamba nendlwana ezicukuthwane ayisithupha namanye abesetsheziswa amakholwa.
Kuqhubeka inkonzo bekulokhu kukhishwa amanzi amakholwa aqhabule.
Abefundisi bebelokhu bebheke izulu njengoba bekunokusaba ukuthi lingashintsha noma yinini kodwa belilokhu linomoya namafu.
UMfundisi Phiwanini Zondo, okhulumele abakomalume, uncome Imisebe wathi ibingumuntu omnene.
Uthe kodwa ubelibeka ngembaba ukuthi isimo usiqonde noma kuthiwa linzima kangakanani.
IMeya yoMkhandlu uGu uMnuz Mondli Chiliza, eyakhula nomholi obefihlwa, ithe ekukhuleni kwakhe wayevele engumuntu ozithobile.
“Kwakubonakala ukuthi uzoba ngumholi ngendlela ayeyiyona nangendlela ayeziphatha ngayo. Wayezithobile ehlonipha noma ngubani, ebazisa abantu,” kusho uChiliza.
Cishe zonke nezinye izikhulu zimchaze njengencwasimende engahlalwa mpukane.
Okhulumela umndeni uMnuz Menzi Shembe, uthe Imisebe ihlanganise umndeni.
“Umndeni ubungasahlangani, uzenzela izinto ngawodwa kodwa yena uwuhlanganisile. Ubuyise izimfundiso zoMqaliwendlela.”
IMisebe ibiwuqondisa ukotini njengoba njalo uma iya enkantolo beyishaya amasudi.
Inkonzo yomngcwabo iphele ngabo-3 ntambama, kwathi ntambama kwaphuma ibhokisi layo lazungeza ethempelini ngaphambi kokuba iyotshalwa.
Omasipala abehlukene namakhosi asendaweni banikele ngezinkomo eziyisishagalolunye kulo mngcwabo.
UShembe ushiye izingane ezingu-13, unina uMaZondo noNdlunkulu uMaChili.