UPHIKO oluphenya amacala akhethekile iSIU luzophenya ngamathenda amathathu kaMasipala waKwaDukuza.
Ngokwesaziso esikwigazethi kahulumeni ngoLwesihlanu, i-SIU izobheka ukukhishwa kwamathenda amathathu bese iphenya ukuthi lolu hlelo beluhambisana yini nomthetho futhi luqhutshwa ngendlela.
Lapha kubalwa amathenda ango-2018 no-2019, inkontileka yokulungiswa komgwaqo kaMasipala waKwaDukuza (KDM) kusukela ngo-2018 kanye nezinkontileka ezimbili zokuhlinzeka ngogesi kusukela ngo-2019.
Sekuhlangene, amanani amathenda afinyelela emashumini ezigidi zamarandi.
I-SIU iwuhlaka lombuso olwakhelwe ukuphenya “izinsolo ezibucayi zenkohlakalo, ukungenzi ngendlela efanele kanye nokuba budedengu ekuphathweni kwezikhungo zikahulumeni,” okuhlanganisa omasipala.