SINOVALO ngekusasa laso isitshudeni esifundela ubudokotela e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), esibona kungenzeka lo nyaka umosheke ngenxa kathaqa odalwe yiCoronavirus.
ULindokuhle Ntshangase (24), wasoPhongolo owenza unyaka wokugcina, uthe akukho abekubheke ngabomvu njengokuyoqala umsebenzi wobudokotela ngonyaka ozayo.
Njengoba kungakacaci ukuthi kuzobuyelwa nini ezikoleni nasemanyuvesi, kusho ukuthi kunzima nakuyena.
“Kumanje kumele ngabe siyaqeqeshwa unyaka wonke ezibhedlela, omunye umunxa wezifundo zethu.
“Okwamanje sinikezwa umsebenzi okumele siwenze nge-internet, nakho okunzima ngoba ngisemakhaya neselula ayidonsi kahle.
“Ukufunda nge-internet akusizi kangako ngoba okuningi kumele ngabe sikwenza ezibhedlela.”
UNtshangase oyilungu leSouth African Students Congress nomholi wezitshudeni ekilasini lakhe, uthe ufisa kube nezinye izinhlelo ezizoqondana nabafundela ubudokotela.
“Kungenzeka ukuthi izinsuku zikathaqa zelulwe, lokhu okungasho ukuthi unyaka ulimele okwangempela kithina.
“Kungangcono uma kwenziwa uhlelo lokuthi sibhekelwe izibhedlela ezingekho sengcupheni enkulu yeCoronavirus, siqeqeshwe khona.
“Uma lo nyaka umosheka wonke, umnyango wezempilo uzolimala ngoba baningi odokotela ongeke ubathole ngonyaka ozayo,” kusho uNtshangase.
Akuyena uNtshangase kuphela okhathazekile ngalesi simo kodwa uthe nasemndenini wakhe kubi.
Bonke bebenethemba lokuthi ngonyaka ozayo bazobe sebenodokotela ekhaya. Isimo esikhungethe izwe senza bangabaze.
UNtshangase uthe kusukela esikoleni wayevele enothando lokuba wudokotela. Yize efunde ezikoleni ezidonsa kanzima kungekho izincwadi nama-laboratory, wazitshela ukuthi uzolifeza iphupho lakhe ajabulise nabazali.
Ithemba lokufeza iphupho lobudokotela laqina ngesikhathi ephasa umatric wathola o-A abayisithupha.
Ngo-2014 washonelwa nguyise ngenxa yokugula. Kwamphatha kabi ukuthi ngeke esambona ewudokotela.
Yize simkhathaza isimo esibhekene nezwe, uncome uhulumeni ngokwenza konke okusemandleni ukunqoba lolu bhubhane.
Uthe bayakuqonda nokuthi ukumenyezelwa kukathanqa kuyindlela yokulwa nalolu bhubhane yize kugadle kwazwela kubona.
USolwazi Nana Poku ongumphathi e-UKZN ukhuthaza izitshudeni ukuthi zizame ukusebenzisa ezinakho ukuqhubeka nokufunda ngesikhathi sikathaqa.
“Lesi yisikhathi esinzima kithina sonke kodwa kumele sikubeke phambili ukuphepha kwezitshudeni zethu nabasebenzi besikhungo.
“Sikhethe ukuthi sifundise nge-internet ukuze umsebenzi uqhubeke ngaphandle kwengebhe yokubhebhethekisa lolu bhubhane,” kusho uPoku.