USIHLALO wosihlalo, uNksz Colleen Makhubele, uthe isiqalile impi yamavoti kuMasipala waseGoli.
“Le yimpi yamavoti, amavoti ashibhile abantu abamnyama ukuqinisa ubuholi bengcindezelo beqembu labamhlophe iDA,” kusho yena.
Uthe ngeSonto ebusuku, uthole umlayezo ubuya kwabeDA umyalela ukuthi kunencwadi yomthetho athunyelelwe yona yokunqanda isithangami sabezindaba.
Uthe le ncwadi iveza ukuthi akanalo ilungelo lokuqhubeka nalesi sithangami ngoba akalona ibamba likasihlalo.
UNksz Makhubele uthe lokhu kuyamangaza ngoba ngesonto eledlule, umkhandlu wavuma ngazwi linye ukuthi abe yibamba lomkhandlu ngesikhathi kunevoti lokuketula usomlomo, uMnuz Vasco Da Gama, kodwa namuhla incwadi ithi akalona ibamba.
UMakhubele uthi yiPAC eyafaka isicelo sokukhipha usomlomo ngevoti, futhi kwamangaza abaningi ukuthi libe yimpumelelo.
Uthe lokhu kunqunde amandla eqembu eselikhukhumele kulo mkhandlu, kwashiya abaningi bebambe ongazensi.
“Kuyacaca ukuthi akukho ukubambisana kumaqembu abehlangene, indlela avele ahlakazeka ngayo ngemuva kwaleli voti. Kuyacaca ukuthi wonke umuntu ubebhekelele iphakethe lakhe,” kuqhubeka yena.
Usole iDA ngokungabi nandaba nezidingo zabantu nokubathuthukisa, kodwa izithwele futhi isebenzisa ukukhukhumala kwayo ukuqhubeka nomkhuba wokucindezela abantu.
Uthe bayaphoqwa ukuvuma yonke into, uma uvota ngonembeza ukhishelwa ngaphandle, usatshiswe ngezincwadi zomthetho, wathi bazowulwela umkhandlu waseGoli, futhi bazosilwela isithunzi sabo.