KWENZIWE isiphakamiso sokuba bangazitholi izinsiza ezithile zikahulumeni - okubalwa kuzo nezibonelelo - labo abangavoti.
Lesi siphakamiso senziwe emcimbini wokugqugquzela intsha ukuba ibhalisele ukuvota obuhlelwe inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
Kulo mcimbi obungoLwesihlanu, eMsunduzi Athletics Club, eMgungundlovu, izihambeli ziphakamise ukuthi ukuvota kube yimpoqo.
UMnuz Mduduzi Kubheka uthe uhulumeni ngabe ubabambe lapho bebacane ngakhona abantu uma engashaya umthetho wokuthi labo abangavoti bengazitholi izibonelelo zikahulumeni.
“Baningi kakhulu abantu abathola izibonelelo zikahulumeni kuleli zwe. Uma kungashaywa umthetho othi abantu abangavoti kufanele bangazitholi izibonelelo zikahulumeni baningi abantu abangabhalisela ukuvota.”
UKubheka uthe okunye okungasiza ukuthi kushaywe umthetho othi labo abangavoti bangazitholi izincwadi zamakhansela eziwubafakazi bokuthi bahlalaphi.
Wenze nesiphakamiso sokuthi abafundi baphoqwe ukuthi babhalisele ukuvota ngaphambi kokuthi babhale izivivinyo zika-matric.
Owayeyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli, uthe lesi siphakamiso singadinga ukuba kushintshwe umthetho.
“Ukushintsha umthetho kungadinga amaqembu ezepolitiki ukuba avumelane.”
UNksz Ntuli osehola inhlangano yamalungelo abantu, iGround Work Collective, uthe iqhinga lokuncisha abantu izinsiza zikahulumeni kungalekelela ukuthi bavote kodwa waxwayisa ngokuthi leli qhinga lingadala ukukhuluma.
“Nami ngiyaye ngizibuze ukuthi kungani singasho ukuthi abantu ababhalisele u-R350 kodwa bese sibeka umbandela wokuthi u-R350 uzowuthola uma usuvotile. Leli qhinga lingaheha abantu kodwa kungashiya imibuzo eminingi ngoba kungabe sekusho ukuthi laba bantu baphoqiwe ukuthi bavote.”
Isikhulu sakwa-IEC esisohlakeni lezokuxhumana nezinhlaka, uMnuz Mmakgabo Ramatlhodi, sithe ukushintsha umthetho kungadinga ukuba iningi lamaqembu ezepolitiki livumelane nesiphakamiso sokuba kube impoqo ukuvota.
“Kungathatha isikhathi eside ukushintsha umthetho kodwa lokho akusho ukuthi angeke kwenzeke.”
URamatlhodi uthe ukungaphumi ngobuningi kwabantu uma kunezinketho kunomthelela ongemuhle ekuphathweni kwezwe.
Uthe kufanele kugxekwe ukungaphumi kwabantu ngobuningi okhethweni lwangonyaka owedlule ngokuhlehla kwenkulumo yesabelomali, obekufanele yethulwe uNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwana, ngeledlule.
“Ngenxa yokuthi abantu abaphumanga ngobuningi, sizithola singaphansi kwesimo lapho khona isabelomali singazange sethulwe.”
Isikhulu se-IEC KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga, sithe bazosebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme kanye nezikole ukugqugquzela intsha ukuba ibhalisele ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
UNkk Masinga uthe nakuba ukuvota kuqala kwabaneminyaka engu-18, labo abaneminyaka engu-16 bavumelekile ukuba babhalisele ukuvota.