AMAKILASI epolitiki nezinhlelo zokuthuthukisa intsha yizinto eziseqhulwini ebuholini obusha be-ANCYL esifundeni iTheku, obukhethwe kuleli sonto engqungqutheleni ebise-Durban Exhibition Centre.
Ingqungquthela ikhethe ubuholi obusha kwesikaSihlalo wuNkk Nokuthula Zibi-Hlophe, iPhini likaSihlalo wuMnuz Xolani Matinise, uNobhala wuMnuz Thulisa Ndlela, iPhini likaNobhala wuMnuz Ntokozo Ngcobo, kwesikaMgcinimafa kwaba wuNksz Nozipho Bhengu.
USihlalo uNkk Zibi-Hlophe okhethwe ngo-elethu, uxoxe neSolezwe ngeSonto ecacisa ngezinhlelo anazo njengoba bekhethelwe ebuholini. Uqale ipolitiki esemncane ejoyina i-ANCYL KwaMashu e-ward 46 wahamba njalo waphikelela phambili. Uke waba sezikhundleni ezehlukene ezingeni legatsha. Usehlale isikhathi esesigungwini se-ANCYL esifundeni seTheku.
UNkk Zibi-Hlophe usebenza ehhovisi lemeya yeTheku, uhola izinhlelo zokuthuthukiswa kwentsha, okumenza azazi kahle izinkinga zayo.
“Ziyaziwa izinkinga zentsha nokungasebenzi kwayo. Kufanele singene sithi shi kwezobuchwepheshe ukuze senze impilo ibe ngcono. Kufanele kube namakilasi ezepolitiki ezingeni lamagatsha ukuze umuntu omusha akwazi ukuba nolwazi akhulume into ayaziyo nezwakalayo. Sinomthwalo wokusebenzisana nezinye izinhlaka ukuze kuhlale ingqungquthela yesifundazwe bese kuyiwa kwekazwelonke,’’ kusho uNkk Zibi-Hlophe.
Uthe bayayiqonda inselelo yokuthi i-ANCYL esigabeni sikazwelonke ibhekene nenselelo yokuthi izwi layo alikho ngoba ayinabo ubuholi obukhethiwe,okuyinto abafuna ukuyilungisa. Uthe kuyethusa ukukhethelwa esikhundleni ngoba kusuke kusho ukuthi wuhlalelwe wumsebenzi.
“Ngikhethwe ngabantu ngokungethemba. Manje uma ngehluleka kuyobe kusho ukwehluleka kwamagatsha angu-111 athembele kimi eThekwini. Ngiyakholwa wukuthi yisikhathi sabantu besifazane manje ngoba vele bangabaholi bokuqala abazala izingane ngaphambi kokuthi zedlulele koyise,’’ kusho uNkk Zibi-Hlophe.