KUTHOLWE isidumbu sowesifazane sesonakele ophahleni lomuzi oseBalfour eMpumalanga, ngoLwesibili.
Ngokusho kwamaphoyisa, bathole isikhalo ngephunga elibi eliqhamuka kulo muzi. Ngesikhathi efika athole owesifazane owabikele ukuthi ufike kulo muzi ngenyanga edlule ezohlala noyise wengane yakhe.
“Amaphoyisa ahlole isimo ukuze kucace ukuthi iphunga liqhamuka kuphi. Abhodloze isilingi okuyilapho ethole khona isidumbu sigoqwe ngezimpahla.”
Kubizwe abezimo eziphuthumayo ukuba bazolekelela ngokuhlola isidumbu. Kutholakale ukuthi sesonakele kangangokuba abusabonakali ubulili baso.
Kusize uhlobo lwezicathulo nopholishi wezinzipho ukucacisa ukuthi yisidumbu somuntu wesifazane.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, akholwa wukuthi owesilisa ogamalakhe nguThabo Silas Tsotetsi angaba nolwazi olungawasiza ophenyweni lwawo.
Uma kukhona onolwazi ngokuthi uphi, angaxhumana nephoyisa eliphenyayo, uDetective Sergeant Moeketsi Mofokeng ku-072 351 3801 noma athinte iCrime Stop ku-08600 10111.